Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Ukuba Sesimweni Somuntu | Okucashuniwe 134

October 23, 2020

Yini okumele uyazi ngoNkulunkulu wokoqobo? UMoya, uMuntu, kanye neZwi kwenza uNkulunkulu wokoqobo uqobo, futhi lokhu kuyincazelo yeqiniso kaNkulunkulu uqobo. Uma wazi uMuntu kuphela—uma wazi imikhuba Yakhe kanye nobuyena—kodwa ungawazi umsebenzi kaMoya, noma lokho uMoya akwenzayo enyameni, kodwa uma unaka uMoya kuphela, kanye neZwi, futhi uthandaze phambi kukaMoya kuphela, ungazi ngomsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kuNkulunkulu wokoqobo, lokhu-ke kusafakazela ukuthi awukamazi uNkulunkulu wokoqobo. Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya. Ngalokho, uma ufisa ukwazi ngoNkulunkulu wokoqobo, kumele wazi kuqala ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini; lokhu, ekugcineni, kumayelana nokuvezwa kukaMoya, okuyinto abantu bonke ababhekana nayo.

Kuphetheni okuvezwa nguMoya? Kwesinye isikhathi uNkulunkulu usebenza ebuntwini, futhi kwesinye isikhathi ebunkulunkulwini—kodwa kukho konke, kuzo zombili lezi zimo uMoya iwona oqondisayo. Noma ngabe imuphi umoya ophakathi kubantu, kunjalo-ke nokuvezeka kwawo ngaphandle. UMoya usebenza ngokujwayelekile, kodwa kunezingxenye ezimbili ekuholeni Kwakhe ngoMoya: Ingxenye eyodwa umsebenzi Wakhe ebuntwini, kanti enye ingxenye umsebenzi Wakhe ngobunkulunkulu. Kumele ukwazi lokhu ngokucacileyo. Umsebenzi kaMoya uhlukana ngokwezimo: Uma umsebenzi wobuntu Bakhe udingeka, uMoya uqondisa lo msebenzi wobuntu, futhi uma kudingeka umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe, ubunkulunkulu buyavela ngokuqondile ukuze buwenze. Ngoba uNkulunkulu usebenza enyameni futhi uvela enyameni, Usebenza ebuntwini nasebunkulunkulwini kokubili. Umsebenzi Wakhe ebuntwini uqondiswa uMoya, futhi ukuze enelise izidingo zabantu zomuntu, ukwenza kube lula ukuxhumana kwabo Naye, ukubavumela ukuba babone iqiniso kanye nokujwayeleka kukaNkulunkulu, ukubavumela ukuba babone ukuthi uMoya kaNkulunkulu uze usenyameni, futhi uphakathi kwabantu, uphila nabantu futhi uxhumana nabantu. Umsebenzi Wakhe ebunkulunkulwini wenzelwe ukuhlinzeka impilo kubantu, kanye nokuqondisa abantu ezintweni zonke ngasohlangothini lokuhle, ukuguqula izimo zabantu futhi nokubavumela ukuba babone ngeqiniso ukuvela kukaMoya enyameni. Okuphambili, ukukhula empilweni yomuntu kutholakala ngomsebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi ebunkulunkulwini. Kuphela uma abantu bemukela umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini, bangakwazi ukuzuza izinguquko esimweni sabo, kungaleso sikhathi kuphela lapho benganeliseka emoyeni wabo; imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu ingafezeka ngokugcwele kuphela uma, ngaphezu kwalokhu, ukhona umsebenzi esintwini—ukwalusa, ukweseka kanye nokuhlinzeka kukaNkulunkulu. UNkulunkulu wokoqobo uqobo okokhulunywa Ngaye namuhla usebenza ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini kokubili. Ngokubukeka kukaNkulunkulu wokoqobo, umsebenzi Wakhe wobuntu ojwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe ophelele wobunkulunkulu uyafezeka. Ubuntu nobunkulunkulu Bakhe buhlangene ndawonye, futhi umsebenzi wakho kokubili ufezeka ngamazwi; noma ngabe kusebuntwini noma ebunkulunkulwini, ukhuluma amazwi. Lapho uNkulunkulu esebenza esintwini, ukhuluma ulimi lwesintu, ukuze abantu baxhumane futhi baqonde. Amazwi Akhe akhulunywa ngokucacile, futhi alula ukuwaqonda, ngale ndlela yokuthi angahlinzekwa abantu bonke; kungakhathaleki noma laba bantu banolwazi noma bafunde kancane, bonke bangawathola amazwi kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini nawo wenziwa ngamazwi, kodwa ugcwele ukuhlinzeka, ugcwele ukuphila, awungcolisiwe imiqondo yobuntu, awufaki ukukhetha kobuntu, futhi awunayo imikhawulo yobuntu, ungaphandle kwemingcele yobuntu obujwayelekile; wona, futhi, wenziwa enyameni, kodwa ungukuvezwa kukaMoya ngqo. Uma abantu bemukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini, bayoziqoqela emkhawulweni othile, futhi bayodinga ukusetshenzwa, ukuthenwa, kanye nokuqondiswa okungapheli ukuze kube khona uguquko oluncane kubo. Ngaphandle komsebenzi noma ubukhona bukaMoya oNgcwele, nokho, bayohlala bebuyela ezindleleni zabo ezindala; kungomsebenzi wobunkulunkulu kuphela lapho lezi zifo kanye nokuntula kungalungiswa, yilapho kuphela abantu bengenziwa baphelele. Esikhundleni sokusetshenzwa nokuthenwa okuqhubekayo, okudingekayo ukuhlinzekwa okuhle, kusetshenziswa amazwi ukulungisa amaphutha onke, ukusebenzisa amazwi ukuveza sonke isimo sabantu, ukusebenzisa amazwi ukuqondisa izimpilo zabo, ukukhuluma kwabo, ukwenza kwabo konke, ukuveza izinhloso zabo kanye nokukhuthazeka; lona ngumsebenzi wangempela kaNkulunkulu wokoqobo. Futhi ngalokho, esimweni sakho sengqondo ngoNkulunkulu wokoqobo kumele uzithobe kukho kokubili phambi kobuntu Bakhe, umazise futhi umvume, okunye futhi, kumele wamukele futhi ulalele umsebenzi namazwi obunkulunkulu. Ukubonakala kukaNkulunkulu enyameni kusho ukuthi wonke umsebenzi namazwi kaMoya kaNkulunkulu kwenziwa ngobuntu Bakhe obujwayelekile, nangobuntu Bakhe enyameni. Ngamanye amazwi, uMoya kaNkulunkulu ukuqondisa kokubili, umsebenzi Wakhe wobuntu bese futhi wenza nomsebenzi wobunkulunkulu enyameni, futhi kuNkulunkulu osesimweni somuntu ungakwazi ukukubona kokubili, umsebenzi kaNkululunkulu esintwini kanye nomsebenzi Wakhe onobunkulunkulu obuphelele. Lokhu ngukubaluleka kwangempela okungokoqobo ngokwengeziwe kokubonakala kukaNkulunkulu wokoqobo esenyameni. Uma ungakubona lokhu ngokucacile, uyokwazi ukuhlanganisa izingxenye ezehlukene zikaNkulunkulu, futhi uyoyeka ukubeka ukubaluleka okukhulu kakhulu emsebenzini Wakhe ebunkulunkulwini, kanye nokunganaki umsebenzi Wakhe ebuntwini, futhi angeke wenze ngokwedlulele, noma uthathe izindlela eziphambukayo. Kukho konke, incazelo kaNkulunkulu wokoqobo ukuthi umsebenzi wobuntu Bakhe kanye nowobunkulunkulu Bakhe, njengalokhu uqondiswa uMoya, uvezwa enyameni Yakhe, ukuze abantu babone ukuthi ucacile futhi uyaphila, ungowokoqobo, futhi ungowangempela.

Umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu ebuntwini unezigaba ezidlulayo. Ngokwenza isintu sipheleliswe, wenza ubuntu Bakhe ukuba bamukele ukuqondisa kukaMoya, emva kwalokho ubuntu Bakhe buyakwazi ukuhlinzeka nokwelusa amabandla. Lokhu ukuvezwa okukodwa komsebenzi kaNkulunkulu ojwayelekile. Ngalokho, uma ungabona ngokucacile izimiso zomsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini, emva kwalokho, ngeke ube nemicabango ngomsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini. Akukhathaleki noma yini enye, uMoya kaNkulunkulu awukwazi ukuba nephutha. Uqinisile, futhi awunako ukuphambuka; ngeke Wenze into ngendlela engeyiyo. Umsebenzi wobunkulunkulu ungukuvezwa okuqonde ngqo kwentando kaNkulunkulu, ngaphandle kokugxambukela kobuntu. Awedluli ekuphelelisweni, kodwa uvela kuMoya ngqo. Futhi nokho, ukuthi uyakwazi ukusebenza ebunkulunkulwini kungenxa yobuntu Bakhe obujwayelekile; lokhu akukho nakancane ngaphezu kwemvelo, futhi kubonakala sengathi kwenziwa umuntu ojwayelekile; uNkulunkulu weza emhlabeni evela ezulwini ikakhulu ukuze akhiphe amazwi kaNkulunkulu ngenyama, ukuqedela umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu esebenzisa inyama.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp