Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Ukuba Sesimweni Somuntu | Okucashuniwe 119

May 31, 2020

Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala. Nakuba uMoya uyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu, umsebenzi ofana nalo ungenziwa kuphela inyama Yakhe. Uma uMoya usebenze wodwa, umsebenzi Wakhe-ke ngeke usebenze ngokunomthelela—leli yiqiniso elimsulwa. Nakuba abantu abaningi sebephenduke izitha zikaNkulunkulu ngenxa yale nyama, lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi Wakhe, labo abamelene Naye ngeke bayeke kuphela ukuba izitha Zakhe, kodwa kuyokwenzeka okuphambene ngokuthi babe ofakazi Bakhe. Bayoba ofakazi abanqotshwe Nguye, ofakazi abafanelekayo Kuye futhi abangehlukaniseki Naye. Wenza ukuba umuntu azi ukubaluleka komsebenzi Wakhe kumuntu esenyameni yomuntu, futhi umuntu kufanele akwazi ukubaluleka kwale nyama enjongweni yokuba khona komuntu, azi indima Yakhe yangempela ekukhuleni kokuphila komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, azi ukuthi le nyama iyoba umthombo ophilayo wokuphila umuntu angeke akwazi ukwahlukana nakho. Nakuba inyama kaNkulunkulu ikude kakhulu nokufana nomfanekiso nesikhundla sikaNkulunkulu, futhi kumuntu ibonakala ingafanelani nesikhundla Sakhe sangempela, le nyama, engasivezi ngempela isithombe esicacile sikaNkulunkulu, noma isiqu sangempela sikaNkulunkulu, ingenza umsebenzi uMoya kaNkulunkulu ongeke ukwazi ukuwenza ngokuqondile. Kunjalo ukubaluleka nomsebenzi wangempela wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi yilokhu kubaluleka nokuba nomsebenzi kwakho umuntu angakwazisi futhi angakuvumi. Nakuba bonke abantu bephakamisa uMoya kaNkulunkulu futhi bebukela phansi inyama kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi babuka kanjani futhi bacabangani, ukubaluleka kwangempela nokuba yigugu kwenyama kukudlula kude okoMoya. Empeleni, lokhu kumayelana nesintu esikhohlakele kuphela. Kuwo wonke umuntu ofuna iqiniso futhi olangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu, umsebenzi kaMoya unganika kuphela ukunyakaziseka nesambulo, nomuzwa wokumangala ongachazeki futhi ongacabangeki, futhi nomuzwa wokuthi mkhulu, uphakeme, futhi uyaziseka, kodwa akufikeki kuwo futhi awutholakali nhlobo. Umuntu noMoya kaNkulunkulu bengabukelana kude kuphela, sengathi kunebanga elide phakathi kwabo, futhi abasoze bafana, sengathi bahlukaniswe umngcele ongabonakali. Eqinisweni, lokhu ukulutheka umuntu akunikwe uMoya, okubangelwa ukuthi umuntu noMoya abalona uhlobo olulodwa, futhi uMoya nomuntu abasoze baphila ndawonye emhlabeni owodwa, nokuthi uMoya awunalutho lomuntu. Ngakho umuntu akawudingi uMoya, ngoba uMoya awukwazi ukwenza ngokuqondile umsebenzi odingwa kakhulu umuntu. Umsebenzi wenyama unikeza umuntu imigomo yangempela angayilandela, amazwi acacile, nomuzwa wokuthi ungokoqobo futhi ujwayelekile, uthobekile futhi uvamile. Nakuba umuntu angase amesabe, kubantu abaningi kulula ukuzwana naye: Umuntu angabubona ubuso Bakhe, ezwe izwi Lakhe, futhi akadingeki ukumbukela kude. Le nyama izwakala kusondeleka kuyo, ayikude, akulukhuni ukuyiqonda, kodwa iyabonakala futhi iyathinteka, ngoba le nyama isemhlabeni owodwa nomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp