Christian Song "UMdali Kuphela Onesihawu Ngalesi sintu" (Zulu Subtitles)

June 08, 2018

uMdali uphakathi kwabantu ngazo zonke izikhathi, uhlala exoxa nomuntu kanye nendalo iyonkana

futhi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku.

Ingqikithi nesimo Sakhe kuvezwa engxoxweni Yakhe nomuntu;

imicabango nemiqondo Yakhe ivezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe;

uphelekezela futhi abuke isintu ngazo zonke izikhathi.

Ukhuluma ngokuthula nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile:

Ngisemazulwini, futhi ngiphakathi kwendalo Yami.

Ngiqaphile; ngilindile; ngisohlangothini lwakho….

I

UMdali kuphela onesihawu ngesintu. UMdali kuphela okhombisa isintu ububele nothando.

UMdali kuphela onothando lwangempela olungenakuphela ngalesi sintu.

Ngokunjalo, uMdali kuphela onganika isintu isihe

futhi azise yonke indalo Yakhe.

Inhliziyo Yakhe iyagxuma futhi iqaqambe ngazo zonke izenzo zomuntu:

Uyathukuthela, ahlupheke futhi adabuke ngenxa yobubi nenkohlakalo yomuntu;

uyajabula, aname, athethelele futhi athokoze ngenxa yokuphenduka nokukholwa komuntu;

yonke imicabango nemiqondo Yakhe ikhona ngenxa futhi iphathelene nesintu;

lokho Ayikho nalokho anakho konke kubonakaliselwa isintu ;

imizwelo Yakhe isiyonke ithandelene nokuba khona kwesintu.

II

Ngenxa yesintu, uyahamba, abe phansi phezulu;

unikela konke ukuphila Kwakhe buthule;

unikela yonke imizuzu nemizuzwana yempilo Yakhe….

Akakaze akwazi ukuhawukelaa impilo Yakhe,

kepha kade ayenesihawu futhi azisa isintu asidala Yena Uqobo Lwakhe….

Unika konke anakho kulesi sintu….

Unika isihe nokubekezelela ngokungenamibandela futhi ngaphandle kokulindela inkokhelo.

Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu siqhubeke siphile phambi kwamehlo Akhe,

samukela ukuhlinzeka Kwakhe kokuphila;

ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu ngelinye ilanga sizithobe phambi Kwakhe

futhi sibone ukuthi Nguye owondla ubukhona bomuntu futhi anike impilo yayo yonke indalo.

UMdali kuphela onesihawu ngalesi sintu. UMdali kuphela okhombisa lesi sintu ububele nothando.

UMdali kuphela onothando lwangempela olungenakuphela ngalesi sintu.

onothando lwangempela olungenakuphela ngalesi sintu.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp