Amavidiyo

Zulu gospel choir song “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Ukubuka Okungakabonwa Okwengeziwe
Gospel Choir “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Ukubuka Kungakabonwa: Ukungenisa Nge-Tap Dance

  • Isingeniso

    Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

    Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu?

    Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka!

    Kukhala izinsimbi: Izihlwele zihalalisela uNkulunkulu, izihlwele zidumisa uNkulunkulu; yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Umbuso wehlela phezu komhlaba wabantu

    1 Izihlwele zihalalisela uNkulunkulu, izihlwele zidumisa uNkulunkulu; yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo abo ukubheka izenzo zikaNkulunkulu. Umbuso wehlela phezu komhlaba wabantu, Isiqu sikaNkulunkulu sicebile futhi sichumile. Ubani ongekuthokozele lokhu? Ubani ongedanse ngenjabulo? O, Siyoni! Phakamisa ibhanela lakho lokunqoba ukuze ubungaze uNkulunkulu! Huba ingoma yakho yokunqoba ukuze usabalalise igama likaNkulunkulu elingcwele!

    2 Zidalwa zonke kuze kufike emaphethelweni omhlaba! Phuthumani nizihlanze ukuze nenziwe iminikelo kuNkulunkulu! Zinkanyezi esibhakabhakeni phezulu! Phuthumani nibuyele ezindaweni zenu ukuze nibonise amandla amakhulu kaNkulunkulu emazulwini! UNkulunkulu ulalela amaphimbo abantu emhlabeni, abaveza uthando nenhlonipho yabo okungenamkhawulo Kuye ngengoma! Ngalolu suku, lapho yonke indalo ibuyela ekuphileni, uNkulunkulu wehlela emhlabeni wabantu. Ngalesi sikhathi, ngaso impela lesi sikhathi, zonke izimbali ziqhakaza ngamandla, zonke izinyoni zicula okungathi ngephimbo elilodwa, zonke izinto zigcwele ukujabula! Ekuzwakaleni kokubingelela kombuso, umbuso kaSathane uyabhidlika, ubhidlizwa ukuduma kwehubo lombuso, ungaphinde uvuke futhi!

    3 Ubani emhlabeni ongalokotha avuke amelane nalokho? Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni, uletha ukusha, uletha intukuthelo, uletha izinhlekelele zazo zonke izinhlobo. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso kaNkulunkulu! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayafukuzela ayagubha; phansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula ayaqubuka futhi aphehle ngentokozo imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emihhumeni yazo, futhi bonke abantu bavuswa ebuthongweni babo uNkulunkulu, Usuku obelulindwe yizihlwele zabantu selufikile ekugcineni! Bahuba izingoma ezinhle kakhulu kuNkulunkulu!

    kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

    Yabelana Ngesithombe

    Yabelana ngePhosta

    IMIKLOMELO NOKUPHAKANYISIWE

    OKUKHETHIWE OKUSEMTHETHWENI

    Best Documentary Feature: Silver Award, Los Angeles Independent Film Festival Awards, United States

    Best Documentary Feature: Silver Award, Los Angeles Independent Film Festival Awards, United States

    Okunconywayo

    Okunye Okuqukethwe Okuhle

    Chofoza lapho kuthi Bhalisa ukuze uthole amavidiyo nezindaba kwakamuva lapho nje kuqeda kukhishwa.

    Bhalisela ubulungu kusayithi yethu ukuze uthunyelelwe ukubuyekezwa ngokuqondile ebhokisini lakho, kuhlanganisa nokuqukethwe, amavidiyo evangeli, amaculo, nobufakazi obubhaliwe.

    Xhumana Nathi

    Copyright © 2022 IBandla LikaNkulunkulu USomandla. All rights reserved.