I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Imibuzo Eyikhulu Nezimpendulo Ukuhlola Indlela Yeqiniso

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

78. Emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, kungani esho amazwi amaningi kangaka okwahlulelwa kanye nokusolwa?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba ubone. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi ayewakhulumile afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:Iyiphi indlela amakholwa okufanele ehlukanise ngayo izwi likaNkulunkulu ukuze aqinisekise ukuthi liyindlela yeqiniso?

Okulandelayo:Ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, ngizwa sengathi ngobuningi ayiphimbo likaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu uyakhuluma. Kodwa kubonakala sengathi amanye amazwi afana namazwi omuntu. Kungenzeka kanjani lokhu?

Ungase Uthande Nalezi