I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Imibuzo Eyikhulu Nezimpendulo Ukuhlola Indlela Yeqiniso

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

74. Kungani umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ungenziwa ngokusebenzisa uMoya? Kungani uNkulunkulu eze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe esenyameni?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu engazizwela yena mathupha izwi Lakhe, alibone futhi alamukele, ngakho ngalo uyosindiswa. Ukube uNkulunkulu akabanga yinyama, akekho umuntu obeyothola insindiso enkulu kangako futhi akekho obeyosindiswa. Ukube uMoya kaNkulunkulu usebenze kumuntu ngokuqondile, umuntu ubeyothatheka abe yisithunjwa sikaSathane ngoba akakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu. …

… Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. … Uba yinyama ngoba inyama ingakwazi nayo ukuba negunya futhi uyakwazi ukwenza umsebenzi kubantu ngendlela engokoqobo, ebonakalayo nethintekayo kumuntu. Umsebenzi onjalo uba ngokoqobo kakhulu ngokwengeziwe kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa ngokuqondile nguMoya kaNkulunkulu onegunya lonke futhi imiphumela yawo nayo isobala. Lokhu kungoba inyama Yakhe ingakhuluma futhi yenze umsebenzi ngendlela engokoqobo; isakhiwo sangaphandle senyama Yakhe asinagunya futhi umuntu angafinyelela kuso. Ingqikithi Yakhe inegunya kodwa igunya Lakhe alibonakali kumuntu. Lapho ekhuluma nalapho esebenza, umuntu akakwazi ukubona ukuthi kukhona igunya Lakhe; lokhu kuba kuhle nakakhulu emsebenzini Wakhe ongokoqobo. Futhi yonke imisebenzi enje ingaba nemiphumela. Ngisho kungekho muntu obonayo ukuthi unegunya noma obonayo ukuthi akanakucasulwa noma abone ulaka Lwakhe, ngegunya Lakhe elifihlakele, ulaka nokukhuluma obala, uzuza imiphumela ayihlosile yamazwi Akhe. Ngamanye amazwi, ngesimo sephimbo Lakhe, ukuqina kwenkulumo kanye nokuhlakanipha kwamazwi Akhe umuntu uyakholwa ngokugcwele. Ngaleyo ndlela, umuntu uyazinikela emazwini kaNkulunkulu osenyameni, obonakala engenalo igunya, ngaleyo ndlela afeze inhloso Yakhe yokusindisa umuntu. Lokhu okunye ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni: ukukhuluma ngokwengeziwe ngokoqobo futhi avumele ubuqiniso bamazwi Akhe ukuba bube nomthelela kumuntu ukuze babone amandla ezwi likaNkulunkulu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. Umuntu uyisidalwa esifayo, uyinyama negazi, futhi uNkulunkulu Nguye Yedwa ongasindisa umuntu. Ngale ndlela, uNkulunkulu kumele abe inyama enakho konke umuntu anakho ukuze umsebenzi Wakhe, ukuze futhi umsebenzi Wakhe ube nemithelela engcono. UNkulunkulu kumele abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, ngenxa kanye yokuthi umuntu uyinyama, futhi akakwazi ukunqoba isono nokuzehlukanisa nenyama. Nakuba ukwakheka nesiqu sikaNkulunkulu osesimweni somuntu kwehluka kakhulu ekwakhekeni nesiqu somuntu, kodwa ukubukeka kuyefana nokomuntu, unokubukeka komuntu ovamile, futhi uphila ukuphila komuntu ojwayelekile futhi labo abambonayo ngeke babone mehluko kumuntu ojwayelekile. Le ndlela yokubukeka evamile nobuntu obuvamile kwanele Kuye ukuze enze umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini obuvamile. Inyama Yakhe imvumela ukuba enze umsebenzi Wakhe ebuntwini obuvamile, bese imsiza ukuthi enze umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu, futhi ubuntu Bakhe obuvamile, phezu kwalokho, bumsiza ukuba enze umsebenzi wensindiso phakathi kwabantu. Nakuba ukubukeka Kwakhe ngendlela evamile kubangele ukudideka okukhulu kubantu, ukudideka okunjalo akuwuphazamisanga kakhulu umthelela ojwayelekile womsebenzi Wakhe kubantu. Ngamafuphi, umsebenzi wenyama Yakhe evamile umzuzisa kakhulu umuntu. Nakuba abantu abaningi bengabamukeli ubuntu Bakhe obuvamile, umsebenzi Wakhe usengathela, futhi le mithelela itholakala ngenxa yobuntu obuvamile. Kulokhu akunakungabaza. Ngomsebenzi Wakhe esesimweni somuntu, umuntu uzuza izinto eziphindwe kashumi noma kaninginingi kunemicabango ekhona phakathi kwabantu ngobuntu bakhe obejwayelekile, futhi yonke le micabango ekugcineni izogwinywa umsebenzi Wakhe. Futhi umthelela umsebenzi Wakhe osuwufezile, okusho ukuthi, ulwazi umuntu analo Ngaye, uyedlula kude imicabango yomuntu Ngaye. …

… Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala. Nakuba uMoya uyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu, umsebenzi ofana nalo ungenziwa kuphela inyama Yakhe. Uma uMoya usebenze wodwa, umsebenzi Wakhe-ke ngeke usebenze ngokunomthelela—leli yiqiniso elimsulwa. …

… UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama. Umsebenzi odinga ukwenziwa uMoya ngokuqondile awumdingi uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi umsebenzi owenziwe inyama ngeke uqondiswe uMoya, kodwa ungenziwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu. Yilokhu okudingekayo kulo msebenzi, futhi nokudingwa yisintu esikhohlakele. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, sisodwa isigaba esenziwa siqondiswa uMoya, futhi ezinye izigaba ezimbili zaziqondiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, zingaqondiswa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi womthetho owenziwa uMoya wawungabandakanyi ukushintsha isimo esikhohlakele somuntu, futhi awuzange udinge noma yiluphi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu. Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, kanti-ke ayiboni, futhi ilimele kakhulu. Isizathu esibaluleke kakhulu esenza ukuthi uNkulunkulu asebenze enyameni ukuthi inhloso Yakhe ukusindisa abantu, abayinyama, nokuthi uSathane naye usebenzisa abantu ekuphazamiseni umsebenzi kaNkulunkulu. Impi noSathane empeleni ingumsebenzi wokunqoba umuntu, futhi ngesikhathi esifanayo, umuntu uyinto uNkulunkulu afuna ukuyisindisa. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ubalulekile. USathane wonakalise inyama yomuntu, umuntu waphenduka umfuziselo kaSathane, futhi waba yinto uNkulunkulu okufanele ayehlule. Ngale ndlela, umsebenzi wokulwa noSathane nokusindisa isintu wenzeka emhlabeni, futhi uNkulunkulu kumele eze emhlabeni ukuze asindise isintu. Lona umsebenzi ongokoqobo kakhulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni, usuke empeleni elwa noSathane enyameni. Lapho esebenza enyameni, usuke enza umsebenzi Wakhe endaweni yomoya, enza wonke umsebenzi Wakhe endaweni yomoya ube owangempela emhlabeni. Onqotshwayo umuntu, ongamlaleli, ohlulwa umfuziselo kaSathane (eqinisweni nalona kusewumuntu), osebutheni Naye, futhi lowo oyosindiswa ekugcineni kusewumuntu. Ngale ndlela, kubaluleke kakhulu Kuye ukuba abe umuntu onengxenye engaphandle yesidalwa, ukuze alwe impi yangempela noSathane, anqobe umuntu, ongamlaleli, futhi onengxenye engaphandle enjengaye, asindise abantu oselinyazwe uSathane. Isitha sakhe umuntu, into alwela ukuyinqoba umuntu, owadalwa Nguye. Ngakho kumele abe umuntu, futhi ngale ndlela, umsebenzi Wakhe uba lula. Uyakwazi ukwehlula uSathane, anqobe isintu, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukusindisa isintu. Nakuba le nyama ivamile futhi ingokoqobo, akanayo inyama evamile: Akayona inyama yomuntu kuphela, kodwa uneyomuntu nenobunkulnkulu. Lona ngumehluko wakhe kumuntu, futhi uphawu lwesiqu sikaNkulunkulu. Inyama efana nalena kuphela engenza umsebenzi ahlose ukuwenza, ifeze inkonzo kaNkulunkulu enyameni, iwufeze ngokugcwele umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Ukuba bekungenjalo umsebenzi Wakhe ubuyohlale ungenalutho futhi ubuthakathaka. Ngisho noma uNkulunkulu angalwa futhi anqobe umoya kaSathane, isimo esidala somuntu owonakele asinakulungiswa, futhi labo abangamlaleli nabamelana Naye abasoze ngokweqiniso babe sekubuseni Kwakhe, okuwukuthi, akasoze asinqoba isintu, futhi ngeke asizuze sonke isintu. Uma umsebenzi Wakhe emhlabeni ungeke ulungiseke, ngakho ukuphatha Kwakhe ngeke kuphele, futhi sonke isintu asisoze sangena ekuphumuleni. Uma uNkulunkulu engakwazi ukungena ekuphumuleni nezidalwa Zakhe, ngeke ube bikho umphumela womsebenzi wokuphatha, futhi inkazimulo kaNkulunkulu iyonyamalala. Nakuba inyama Yakhe ingenalo igunya, umsebenzi awenzayo ubuyokufeza lokhu. Lokhu ukuqondisa okungenakuvinjwa komsebenzi Wakhe. Kungakhathaleki ukuthi inyama yakhe inalo igunya noma cha, uma nje uNkulunkulu esakwazi ukuzenzela umsebenzi, khona-ke unguNkulunkulu ozimele. Akunandaba ukuthi le nyama ibukeka ivame futhi ijwayeleke kangakanani, angawenza umsebenzi okufanele awenze, ngoba inyama Yakhe inguNkulunkulu ayiyena umuntu nje. Into eyenza le nyama yenze umsebenzi umuntu angeke awenze ukuthi isiqu Sakhe sangaphakathi asifani nesomuntu, futhi okungamenza asindise umuntu ukuthi isiqu Sakhe sihlukile kwesomuntu. Le nyama ibaluleke kakhulu esintwini ngoba ungumuntu, futhi unguNkulunkulu kakhulu, ngoba angenza umsebenzi umuntu ovamile oyinyama angeke akwazi ukuwenza, ngoba angasindisa umuntu okhohlakele, ophila Naye emhlabeni. Nakuba efana nomuntu, uNkulunkulu osesimweni somuntu ubaluleke kunawo wonke umuntu obalulekile esintwini, ngoba angenza umsebenzi ongeke wenziwe uMoya kaNkulunkulu, angedlula uMoya kaNkulunkulu ekwethuleni ubufakazi ngoNkulunkulu uqobo, futhi angasizuza kangcono isintu kunoMoya kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, nakuba inyama ivamile futhi ijwayelekile, umnikelo nokubaluleka kwayo ekubeni khona kwesintu kuyigugu kakhulu, ukubaluleka kwangempela kwale nyama akunakucatshangwa umuntu. Nakuba le nyama ingenakumbhubhisa ngokuqondile uSathane, angasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze anqobe isintu futhi ehlule uSathane, enze uSathane awuthobele ngokugcwele umbuso Wakhe. Ngenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu, uNkulunkulu engakwazi ukunqoba uSathane asindise isintu. Akambhubhisi ngokuqondile uSathane, kodwa uba inyama ukuze enze umsebenzi wokunqoba isintu, esonakaliswe uSathane. Ngale ndlela, ukwazi kangcono ukwethula ubufakazi Kuye uqobo phakathi kwezidalwa, futhi ukwazi kangcono ukusindisa isintu esonakalisiwe. Ukunqoba uSathane kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuwubufakazi obukhulu, kunamandla okuvumisa, ukwedlula ukubhujiswa ngokuqondile kukaSathane nguMoya kaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ukulungele kangcono ukusiza abantu ukuthi bazi uMdali, futhi ukulungele kangcono ukwethula ubufakazi Ngaye uqobo phakathi kwezidalwa.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:Ngesikhathi uNkulunkulu eba yinyama eNkathini Yomusa wayengumfanekiso womuntu wesilisa ongumJuda, ngakho kungani uNkulunkulu wezinsuku zokugcina ebonakale njengomuntu wase-Asia?

Okulandelayo:Uyokwenza muphi umsebenzi uJesu uma eza futhi?

Ungase Uthande Nalezi