Iyini ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu? Ingabe iNkosi uJesu iyiNdodana kaNkulunkulu noma inguNkulunkulu uqobo Lwakhe? Ingabe uKristu wezinsuku zokugcina uyiphetha kanjani inkathi endala?

Ingabe INkosi Izobuya Ezinsukwini Zokugcina Ngokwehla Ngefu Ukuze Kubone Wonke Umuntu noma Ingabe Izoba Sesimweni Somuntu Ngokuba YiNdodana Yomuntu Bese Yehla Ngokuyimfihlo?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza: nezizwe zonke zomhlaba zizokhala ngenxa yakhe. Noma kunjalo, Amen (IsAmbulo1 1:7).

Bheka, ngizoza njengesela (IsAmbulo 16:15).

Njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane (kuLuka 17:24-25).

“Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni-uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. … Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: ‘Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.’ Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Umuntu ucabanga ukuthi, ngokufanayo, uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengakunaki ukufika Kwakhe. Abantu bamane bamlinda ngokungenasidingo futhi bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina.”

“UJesu wathi uyobuya njengoba ayehambile, kodwa uyawazi umqondo wangempela wamazwi Akhe? Kungenzeka ukuthi lokhu wakutshela leli qembu lenu? Konke okwaziyo ukuthi uyofika njengoba ahamba, egibele ifu, kodwa uyazi ngempela ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uwenza kanjani umsebenzi Wakhe? Uma ubukwazi ukubona ngempela, pho-ke kufanele achazwe kanjani amazwi awakhuluma uJesu? Wathi, ‘Lapho iNdodana yomuntu ifika ezinsukwini zokugcina, Yona uqobo Lwayo ngeke yazi, izingelosi ngeke zazi, izithunywa ezulwini ngeke zazi, futhi sonke isintu ngeke sazi. NguBaba kuphela oyokwazi, okungukuthi, nguMoya kuphela oyokwazi.’ Ukuba ubukwazi ukwazi nokubona, pho ngabe la mazwi akuwona angenamqondo? Ngisho iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ayazi, kodwa wena uyakwazi ukubona nokwazi? Ukuba wawubonile ngamehlo akho, bekungebe kube la mazwi akhulunywe ngokuyize? Futhi wathini uJesu ngeleso sikhathi? ‘Kodwa lolo suku nalelo hora akekho owaziyo ngalo, cha, nezingelosi zasezulwini, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele.’ Lapho lolo suku lufika, iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ngeke ilwazi. INdodana yomuntu ikhuluma ngenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, umuntu ojwayelekile futhi ovamileyo. Ngisho lo muntu uqobo Lwakhe akazi, ngakho wena ubuyokwazi kanjani?”

Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, egcwele umusa neqiniso (Johane 1:14).
NgikuBaba, uBaba ukimi (Johane 14:10).
Mina noBaba wami simunye (Johane 10:30).

“Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; okungenani lokhu kumele kube yiqiniso. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu.”

“Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu. Ukuba, ngesikhathi sokuza Kwakhe kokuqala, uNkulunkulu wayengazange abe nobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye—ukuba wakwazi ukwenza izimangaliso lapho ezalwa nje, ukuba wayekwazi ukukhuluma ulimi lwasezulwini lapho efunda ukukhuluma nje, ukuba kwathi zisuka nje lapho enyathela okokuqala emhlabeni wabe ekwazi ukuqonda zonke izinto zomhlaba, ukuqonda ahlukanise yonke imicabango nezinhloso zawo wonke umuntu—umuntu onjalo wayengeke abizwe ngomuntu ojwayelekile, futhi inyama enjalo yayingeke ibizwe ngenyama yomuntu. Ukuba kwakunjalo ngoKristu, ukubaluleka nengqikithi yokuthatha umzimba wenyama kukaNkulunkulu bekuyolahleka-ke. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile kubonisa ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; iqiniso lokuthi wadlula ebuntwini obujwayelekile wakhula ngendlela ejwayelekile, liqhubeka libonisa ukuthi ngempela wayesesimweni somuntu ojwayelekile; futhi ngaphezu kwalokho, umsebenzi Wakhe uwubufakazi obanele bokuthi wayenguLizwi kaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu, eba yinyama. UNkulunkulu uba yinyama ngenxa yezidingo zomsebenzi; ngamanye amazwi, lesi sigaba somsebenzi sidinga ukwenziwa enyameni, ukwenziwa ebuntwini obujwayelekile. Yilokhu okudingekayo ngaphambili kokuthi ‘uLizwi abe yinyama,’ kokuthi ‘uLizwi abonakale esesimweni somuntu,’ futhi kuyindaba eyiqiniso mayelana nokuthatha umzimba wenyama okubili kukaNkulunkulu.”

"Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abasemizimbeni yabantu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kokuba ngabantu, lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. ... Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni." kwesithi "Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu."

“Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama naMathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma-kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu.”

Ingabe UKristu Osesimweni Somuntu UyiNdodana KaNkulunkulu? Noma UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka nginani, futhi selokhu awungakazi, Filipu? ongibonile Mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sikhombise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi. Kholwani Yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi: uma kungenjalo, kholwani kimi ngenxa yemisebenzi (Johane 14:9-11).

Mina noBaba wami simunye (Johane 10:30).

“Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba kuphela uMoya kaNkulunkulu wawembethe inyama ejwayelekile nevamile futhi embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu ngaphandle wayengumuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke ‘iNdodana yomuntu’ okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. ... Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga!”

“Kusekhona nalabo abathi, ‘UNkulunkulu akashongo yini ngokusobala ukuthi uJesu uyiNdodana Yakhe ethandekayo?’ UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo—lokhu kwakhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: ‘NgikuBaba, noBaba ukimina,’ awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe inyama yobuntu obujwayeleke kangaka, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: ‘Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu.’ Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo.”

“UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; … Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe.… Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.”

Kungani kuthiwa izimo ezimbili zikaNkulunkulu esenyameni ziphelelisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (Heberu 9:28).
Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu (Johane 1:1).

“Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. … Umuntu uthola insindiso egcwele evela kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemithandazo abayithumela ezulwini. Ngoba umuntu uyinyama; akakwazi ukubona uMoya kaNkulunkulu futhi kunzima kakhulu ukuya Kuye. Umuntu angakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu osenyameni; futhi ngaye kuphela angaqonda amazwi kanye namaqiniso futhi athole insindiso ephelele. Ukuba senyameni kwesibili kwanele ukususa izono zomuntu futhi kumcwebise ngokugcwele. Ngakho ukuba senyameni kwesibili kuzophetha wonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi kuphelelise ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni.”

“UJesu wenza isinyathelo somsebenzi owagcwalisa kuphela ubuqu bokuthi ‘uLizwi wayekuNkulunkulu’: Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wayekuNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu wawusenyameni futhi ungasuki kuYe, okungukuthi, inyama kaNkulunkulu osenyameni yayinoMoya kaNkulunkulu, okungubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukuba kukaJesu enyameni kwakungokokuqala uNkulunkulu esenyameni. Lesi sigaba somsebenzi sagcwalisekisa incazelo yangempela ‘kaLizwi eba yinyama,’ saba nencazelo ejulile yokuthi ‘uLizwa wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu,’ futhi sikwenza uwakholelwe ngokuqinile amazwi athi ‘Ekuqaleni wayekhona uLizwi.’ Okungukuthi, ngesikhathi kudalwa uNkulunkulu wayenamazwi, amazwi aKhe ayenaye engasuki kuYe, kanti inkathi yokugcina yenza kucace bha ngamandla negunya lamazwi aKhe, avumele abantu babone wonke amazwi Akhe—ukuzwa wonke amazwi aKhe. Unjalo umsebenzi wesigaba sokugcina. … Ngenxa yokuthi lona ngumsebenzi wokuba senyameni kwesibili—okuyisikhathi sokugcina uNkulunkulu esenyameni—uphelelisa ngokugcwele ukubaluleka kokuba senyameni, wenza futhi uqhubekisela phambili ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, futhi uqeda inkathi yokuba senyameni kukaNkulunkulu.”

“‘Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.’ Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.”

Kuqondwa kanjani ukuthi uKristu uyiqiniso, indlela nempilo?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu (Johane 1:1-2).

Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami (Johane 14:6).

Amazwi engiwasho kini, angumoya, futhi awukuphila (Johane 6:63).

“Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. … Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. … Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi …

“Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. … Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi …

“Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. …
… futhi uNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Njengoba ukuphila Kwakhe kungashintshi, ngakho kungokwengunaphakade; njengoba kuwuNkulunkulu kuphela indlela yokuphila, ngakho uNkulunkulu Uqobo uyindlela yokuphila okuphakade.”

Ukufunda Okuhambelanayo

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli: “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu” (Johane 1:1-2).

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli: “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu” (Johane 1:1-2).

Ingabe ukuba senyameni kukaNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokwahlulela kuletha kanjani isiphelo senkolo yesintu ngalo Nkulunkulu ongakacaci kahle kanye nenkathi yokumnyama yokubusa kukaSathane?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Futhi kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaJehova imiswe esiqongweni sezintaba, futhi iphakame ngaphezu kwamagquma; nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Futhi abantu abaningi bayakuhamba, futhi bathi, Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyakusifundisa izindlela zakhe, futhi sihambe emikhondweni yakhe: ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. Futhi uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi: futhi bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba: isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Wena ndlu kaJakobe, woza, bese sihamba ekukhanyeni kukaJehova (UIsaya 2:2-5).

“Ukufika kukaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina sekulethe isiphetho seNkathi Yomusa. Ufike ikakhulukazi ukuzokhuluma amazwi akhe, ukusebenzisa amazwi ukuphelelisa umuntu, ukukhanyisa nokukhanyisela umuntu, nokususa indawo kaNkulunkulu ongaqondakali enhliziyweni yomuntu. Lokhu akusona isigaba somsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi efika. Lapho uJesu efika, wenza izimpawu eziningi, wasindisa abagulayo futhi wakhipha amadimoni, futhi wenza umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa. Ngenxa yalokho, emicabangweni yakhe, umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abe njalo. Ngoba ngesikhathi uJesu efika, akawenzanga umsebenzi wokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu; lapho efika, wabethelwa, wasindisa abagulayo waphinde wakhipha amadimoni, futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini. Ohlangothini olulodwa, ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ezinsukwini zokugcina kususa indawo ephethwe nguNkulunkulu ongacacile emicabangweni yabantu, ukuze ungabe usaba khona umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Ngamazwi nomsebenzi wakhe uqobo, ukuhamba Kwakhe kuzo zonke izindawo nomsebenzi ongokoqobo nojwayeleke ngokumangazayo awenza phakathi kwabantu, wenza ukuthi umuntu azi ubunjalo bukaNkulunkulu, futhi asuse indawo kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhulunywa inyama Yakhe ukwenza umuntu aphelele, nokufeza zonke izinto. Lona umsebenzi uNkulunkulu azowufeza ezinsukwini zokugcina.”

“UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu.”

“Njengoba amazwi Ami egcwaliswa, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka/ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi. Namuhla, nizophila phambi Kwami; kusasa, nizoba sembusweni Wami. Ingabe lokhu akusona isibusiso esikhulu engisiphe abantu?”

Umbuzo: Ingabe ukuba senyameni kukaNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokwahlulela kuletha kanjani isiphelo senkolo yesintu ngalo Nkulunkulu ongakacaci kahle kanye nenkathi yokumnyama yokubusa kukaSathane?

Impendulo:Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu yeNKOSI imiswe esiqongweni sezintaba, futhi iphakame ngaphezu kwamagquma; nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Futhi abantu abaningi sikhuphukele entabeni bayakuhamba, futhi bathi, Wozani yeNKOSI, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyakusifundisa izindlela zakhe, futhi sihambe emikhondweni yakhe: ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi leNKOSI eJerusalema. Futhi uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi: futhi bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba: isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. . Wena ndlu kaJakobe, woza, bese sihamba ekukhanyeni kweNKOSI” (Isaya 2:2-5). ...

“Futhi kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu yeNKOSI imiswe esiqongweni sezintaba, futhi iphakame ngaphezu kwamagquma; nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Futhi abantu abaningi sikhuphukele entabeni bayakuhamba, futhi bathi, Wozani yeNKOSI, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyakusifundisa izindlela zakhe, futhi sihambe emikhondweni yakhe: ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi leNKOSI eJerusalema. ...

Sibamukela bonke labo abafuna iqiniso nabafuna ukubonakala kukaNkulunkulu ukuze bahlole indlela yeqiniso.