I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Sinjani ngempela isiphetho sesintu kanye nezimo ezinhle zombuso? Yimaphi amazwi kaNkulunkulu aqinisekisa lokhu?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Emva kokupheleliswa kwamazwi Ami, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka/ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi. Namuhla, nizophila phambi Kwami; kusasa, nizoba sembusweni Wami. Ingabe lokhu akusona isibusiso esikhulu engisiphe abantu?

kwesithi “Isahluko 20” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umuntu ethola impilo yangempela yomuntu emhlabeni, amandla kaSathane ewonke ayoboshwa, futhi umuntu uyophila kalula lapha emhlabeni. Izinto ngeke zibe nkimbinkimbi njengoba ziyizo manje: ubudlelwane babantu, ubudlelwane bokuhlalisana kwabantu, ubudlelwano bemindeni obunkimbinkimbi…, buwuhlupho kakhulu, kubuhlungu kakhulu! Impilo yomuntu lapha ilusizi kakhulu! Uma umuntu esenqotshiwe, inhliziyo nomqondo wakhe kuzoshintsha: uzoba nenhliziyo emhloniphayo uNkulunkulu kanye nenhliziyo emthandayo uNkulunkulu. Uma bonke labo abasemhlabeni jikelele abafuna ukuthanda uNkulunkulu sebenqotshiwe, okusho ukuthi, uma uSathane esenqotshiwe, futhi uma uSathane—wonke amandla obumnyama—eseboshiwe, impilo yomuntu emhlabeni ngeke isaba nokukhathazeka, futhi uyokwazi ukuphila ngokukhululeka emhlabeni.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho abantu bebuyiselwa esimweni ababeyiso kuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Ngaphezu kwalokho, abantu bayongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuphila kwasekuphumuleni ngeke kube nayo impi, ngeke kube nokungcola futhi ngeke kugcwale ukungalungi okungapheli. Lokhu kusho ukuthi abantu bayobe bengasahlushwa uSathane (lapha elithi “Sathane” libhekisela emandleni anonya), inkohlakalo kaSathane, kanye nokuhlaselwa yinoma yimaphi amandla amelene noNkulunkulu. Yonke into iyohamba ngokohlobo lwayo futhi ikhonze iNkosi yendalo. Amazulu nomhlaba kuthulile kuthe cwaka. Lokhu ukuphumula kokuphila kwabantu. Lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, akukho ukungalungi okuyoba khona emhlabeni, futhi ngeke kusaba bikho ukuhlaselwa yinoma yiliphi ibutho elinonya. Abantu bayophinde bangene endaweni entsha; ngeke kuphinde kube nabantu abonakaliswe uSathane, kodwa kuyoba nabantu abasindisiwe ngemva kokonakaliswa uSathane. Usuku abantu abayophumula ngalo luphinde lube usuku uNkulunkulu ayophumula ngalo. UNkulunkulu walahlekelwa ukuphumula Kwakhe ngenxa yokuthi abantu bahluleka ukungena ekuphumuleni; akukhona ukuthi wayevele engakwazi ukuphumula. Ukungena ekuphumuleni akusho ukuthi kuzoma zonke izinto ziyoyeka ukunyakaza, noma ukuthi zonke izinto zizoyeka ukusebenza, futhi akusho ukuthi uNkulunkulu uzoyeka ukusebenza nokuthi umuntu ngeke esaphila. Uphawu lokungena ekuphumuleni luyoba kanje: USathane uyobe esebhujisiwe; abantu abakhohlakele ababenza izinto ezimbi noSathane bayobe sebejezisiwe baqothulwa; wonke amabutho amelene noNkulunkulu ayobe engasekho. Ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni kusho ukuthi uyobe engasawenzi umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, lokho kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu usuphele ngokuphelele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka esebenza phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ephumule, uzokhonza uNkulunkulu futhi aphile emhlabeni, uNkulunkulu uyohola ingxenye esele yabantu; uyobahola esezulwini hhayi esemhlabeni. UNkulunkulu uyobe esenguMoya, kuyilapho umuntu eyobe esesemzimbeni wenyama. UNkulunkulu nomuntu banezindlela ezingafani zokuphumula. Ngesikhathi uNkulunkulu ephumule, uyoza avele phambi kwabantu; ngesikhathi abantu besaphumule, bayoholwa uNkulunkulu ababonise izulu, futhi abenze bajabulele ukuphila kwasezulwini. Ngemva kokuba uNkulunkulu nomuntu bengene ekuphumuleni, uSathane ngeke esaba khona, futhi njengoSathane, nabantu abakhohlakele ngeke besaba khona. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu nomuntu bangene ekuphumuleni, izikhohlakali ezake zashushisa uNkulunkulu emhlabeni nezitha Zakhe ezingamlalelanga emhlabeni ziyobe sezibhujisiwe; ziyobe sezibhujiswe yizinhlekelele ezinkulu zezinsuku zokugcina. Ngemva kokubhujiswa ngokuphelele kwalezo zikhohlakali, umhlaba ngeke uphinde uhlushwe uSathane. Abantu bayosindiswa ngokuphelele, futhi umsebenzi kaNkulunkulu uyophela lapho ngokuphelele. Yilokhu okudingwa uNkulunkulu nabantu ukuze bangene ekuphumuleni.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umhlaba wonke usugcwele umsindo wohleko, yonke indawo emhlabeni kunomuzwa wokudumisa, kanti akukho ndawo engenankazimulo Yami. Ubuhlakani Bami bukhona kuyo yonke indawo emhlabeni kanye nasemhlabeni jikelele. Phakathi kwazo zonke izinto kukhona izithelo zobuhlakani Bami, phakathi kwabo bonke abantu kukhona imisebenzi emihle yobuhlakani Bami; yonke into ifana nazo zonke izinto embusweni Wami, bonke abantu bahlala ngokuphumula ngaphansi kwamazulu Ami njengezimvu emadlelweni Ami. Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika emhlabeni wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami zimsulwa njengejaspi, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

kwesithi “Isahluko 16” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ewu, ekugcineni bonke abantu engibadalile sebeze babuyela empilweni yokukhanya, bathola isisekelo sokuphila, bayeka ukubisha odakeni! Ewu, izinto eziningi zendalo ezisezandleni Zami! Zingathini, ukungenziwa busha ngamazwi Ami? Zingathini, ukuyeka imisebenzi yazo ekukhanyeni Kwami? Umhlaba awusathule du, izulu alisalahlwanga futhi alisadabukisi. Izulu nomhlaba akusahlukanisiwe isikhala, sekuhlangene sekuyimbumba, angeke kuphinde kuhlukaniswe futhi. Ngalo mcimbi wenjabulo, ngalesi sikhathi sokwesasa, ukulunga Kwami nobungcwele Bami sebuwele emhlabeni jikelele, wonke umuntu uyakudumisa ngokungenamkhawulo. Emizini yasezulwini kuyahlekwa ngenjabulo, nemibuso yomhlaba iyadansa ngenjabulo. Ubani ongajabuli ngalesi sikhathi? Ubani ongakhali ngalesi sikhathi? Umhlaba ngokwendalo yesimo sawo ungowasezulwini, futhi izulu lihlangene nomhlaba. Umuntu uyintambo ehlanganisa izulu nomhlaba, sibonga ukungcwelisa kwakhe, sibonga ukwenziwa kabusha kwakhe, izulu alisacashile emhlabeni, kanti umhlaba awusathule ngezulu. Ubuso babantu buchichima ukubonga, ezinhliziyweni zabo kufihlwe ubumnandi obungenamkhawulo. Abantu abasangqubuzani, abantu abasalwi. Ngabe bakhona yini, abangahlali ngokuthula nabanye ekukhanyeni Kwami? … Ukungiphakamisa nokungidumisa kugcwele enhliziyweni zabantu kugcwalisa yonke indawo emhlabeni, umoya unamandla futhi uncwaba, inkungu ayisawumbozile umhlaba, nelanga likhazimula kahle.

kwesithi “Isahluko 18” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okuqukethwe Okuhlobene