I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Sonke sizithola siphila emjikelezweni wokona nokuvuma isono singenayo indlela yokuphuma; ingabe amazwi kaNkulunkulu uSomandla angaguqula futhi ahlanze isintu?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo, wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi. Ngenxa yezwi, umuntu wondlekile wahlinzekwa; ngenxa yezwi umuntu uzuza ulwazi nokwazi. Umuntu eNkathini Yezwi uthole izibusiso ezikhethekile. Umuntu akezwa buhlungu enyameni kanti ujabulela ukuhlinzekwa okwanele ngezwi likaNkulunkulu; akufanele bafune noma bahambe baye phambili, bese uma sebezothile babone isimo sikaNkulunkulu, bamuzwe ekhuluma ngoKwakhe; bathole ukuhlinzeka Kwakhe, bambone siqu Sakhe enza umsebenzi Wakhe. Umuntu enkathini edlule ubengakwazi ukujabulela izinto ezifana nalezo nokuthi lezi yizibusiso abebengeke bazithole.

kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. …

… Umuntu useyabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni ungaphezulu kokwejwayelekile. Kuningi umuntu angeke akwazi ukukuthola; kuyizimfihlakalo nezimangaliso. Ngakho, baningi asebezinikele. Abanye abakaze bazinikele kumuntu selokhu bazalwa, kodwa lapho bebona amazwi kaNkulunkulu namuhla, bazinikela ngokugcwele ngaphandle kokuqaphela ukuthi sebenze kanjalo, futhi abanasibindi sokuqala ukucubungula noma ukusho noma yini enye. Umuntu uwile ngaphansi kwezwi kanye nokwahlulela kwezwi. Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni. Kwenziwa ukuze igunya likaNkulunkulu osenyameni, imiphumela etholakale ngomsebenzi wezwi, nokuthi uMoya oze usenyameni kwaziwe; ubonisa igunya Lakhe ngokwahlulela umuntu ngezwi.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekusolweni baphinde badlule ekucwengweni okubuhlungu kwamazwi kaNkulunkulu, noma ukuba kubhekwane nabo, baqondiswe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokucwengwa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimweni. Yilabo kuphela abedlula ekuvezweni obala, ukwahlulelwa, ukuqondiswawa nokubhekanwa nabo ngamazwi Akhe abangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, abayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe wehlukile emicabangweni yabantu, bayakwazi ukuyibeka eceleni balalele ngenhloso. Uma ngabe kwakhulunywa ngoguquko lwesimo ngaphambili, kwakungokuthi umuntu azidele, avumele ukuba inyama ihlupheke, aqoqe umzimba wakhe, ayeke ukwenza okuthandwa yinyama—lokhu olunye uhlobo loguquko lwesimo. Manje abantu sebeyazi ukuthi indlela okuyiyona yokubonisa uguquko esimweni ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu nokwazi ukuba nokuqonda okuphelele komsebenzi Wakhe omusha. Ngale ndlela abantu bazokwazi ukulahla izindlela zabo zakuqala zokuqonda uNkulunkulu emicabangweni yabo, bazuze ukuqonda ngempela ukumthobela. Yile ndlela kuphela eyiqiniso yoguquko lwesimo.

kwesithi “Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangene Oqotsheni Lwamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kungaveza ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nabantu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu. … Lesi sigaba somsebenzi singumsebenzi wamazwi uvulela abantu izindlela zonke nezimfihlakalo abangaziqondi, ukuba abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu nezindingo zikaNkulunkulu kubantu, ukuze bakwazi ukuba nemibandela yokukwenza njengokusho kwamazwi kaNkulunkulu futhi bazuze izinguquko esimweni sabo.

kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okuqukethwe Okuhlobene