UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III

Igunya LikaNkulunkulu (II)

Namhlanje sizoqhubeka nengxoxo yethu ngokukhuluma ngesihloko esithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Sesixoxe kabili ngalesi sihloko, okokuqala bekumayelana negunya likaNkulunkulu, okwesibili kumayelana nesimo sikaNkulunkulu esilungile. Ngemva kokulalela lezi zingxoxo ezimbili, ingabe kukhona ukuqonda okusha enikutholile ngokuthi uNkulunkulu ungubani, isikhundla nesimo? Ingabe lokhu kukhanyiselwa kunisizile naba nolwazi olunesisekelo esengeziwe futhi waqiniseka ngokuba khona kukaNkulunkulu? Namhlanje ngihlele ukwenaba ngesihloko “segunya likaNkulunkulu.”

Ukuqonda Igunya LikaNkulunkulu Ngemibono Ebanzi Nemincane

Igunya likaNkulunkulu liyingqayizivele. Liwukuvezwa okubalulekile, nengqikithi ekhethekile, yobunjalo bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Azikho izinto ezidaliwe nezingadaliwe ezichazwa ngale ndlela nanjengesimo esikhethekile; uMdali kuphela onalolu hlobo lwegunya. Okusho ukuthi, nguMdali kuphela—uNkulunkulu Oyingqayizivele—ochazwa ngale ndlela nonalesi simo. Kungani sikhuluma ngegunya likaNkulunkulu? Igunya likaNkulunkulu Ngokwakhe lihluke kanjani egunyeni elisengqondweni yomuntu? Yini ekhethekile ngalo? Kungani kubalulekile ukukhuluma ngalo lapha? Ngamunye wenu kufanele acabangisise ngale ndaba. Ngoba kubantu abaningi, “igunya likaNkulunkulu” liyinto edidayo, futhi lokho kunzima ukukugxilisa ekhanda lomuntu, futhi maningi amathuba okuthi izingxoxo ezikhuluma ngalo nazo zidide. Ngakho kuzoba negebe phakathi kolwazi ngegunya likaNkulunkulu umuntu alicabangayo, negunya likaNkulunkulu ngokwalo. Ukuvala leli gebe, umuntu kumele alazi kancane kancane igunya likaNkulunkulu ngosizo lwabantu bangempela, izehlakalo, izinto noma imicabango engaphakathi kumuntu, abantu abakwazi ukuyiqonda. Nakuba inkulumo ethi “igunya likaNkulunkulu” ingase ibonakale ingaqondakali, igunya likaNkulunkulu aliyona neze into engachazeki. Uhlale enomuntu ngaso sonke isikhathi ekuphileni kwakhe, emhola zonke izinsuku. Ngakho, ekuphileni kwansuku zonke kwawo wonke umuntu, uzobona izinto ezinokwethenjelwa zegunya likaNkulunkulu. Lezo zinto ziwubufakazi obanele bokuthi igunya likaNkulunkulu likhona ngempela, futhi libavumela ngokugcwele abantu ukuba babone futhi baqonde iqiniso lokuthi uNkulunkulu unalo leli gunya.

UNkulunkulu wadala konke, futhi ekudalile, ubusa yonke into. Ngaphezu kokubusa zonke izinto, ulawula konke. Lokhu kusho ukuthini, umbono wokuthi “uNkulunkulu ulawula yonke into”? Ungachazwa kanjani? Kusebenza kanjani ekuphileni kwangempela? Ungalazi kanjani igunya likaNkulunkulu ngokuqonda iqiniso lokuthi “uNkulunkulu ulawula yonke into”? Kusukela enkulumweni ethi “uNkulunkulu ulawula yonke into” singabona ukuthi lokho uNkulunkulu akulawulayo akusiyo ingxenye yamaplanethi, ingxenye yendalo, ingxenye encane kakhulu yesintu, kodwa konke: kusukela ezintweni ezinkulu kakhulu kuye kwezincane kakhulu, kusukela kokubonakalayo kuye kokungabonakali, kusukela ezinkanyezini ezisendaweni yonke kuye ezintweni eziphilayo ezisemhlabeni, kanye nezilwanyana ezincane ezingeke zibonakale ngeso lenyama noma izinto eziphila ngezinye izindlela. Lena incazelo enembile “yakho konke” uNkulunkulu “akulawulayo,” nomthamo wezinto uNkulunkulu anegunya kuzo, izinga lobukhosi nokubusa Kwakhe.

Ngaphambi kokuba khona kwesintu, indawo yonke—wonke amaplanethi, zonke izinkanyezi ezisemazulwini—kwase kukhona. Ngezinga elibanzi, lezi zindikimba ezisemkhathini zase zizungeza njalo, ngaphansi kokulawula kukaNkulunkulu, ngoba konke ukuba khona kwazo, yonke iminyaka lokho okwaba yiyo. Ukuthi yimuphi umhlaba oya kuphi futhi ngasiphi isikhathi; yimuphi ophenduka kumuphi umgudu wokuzungeza, futhi unyamalala nini noma kungena nini okuthile esikhundleni sawo—zonke lezi zinto zaziqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka ngisho kancane. Izindawo okume kuzo imihlaba namabanga aphakathi kwawo konke kulandela inqubo eqondile, konke kungachazwa njengomniningwane onembile; imizila okuhamba ngayo, ijubane nezindlela okuzungeza ngakho, izikhathi ezisezindaweni ezihlukahlukene ngazo zingabaleka ngokunembile futhi zichazwe ngemithetho ekhethekile. Izigidigidi zeminyaka imihlaba ibilokhu ilandela le mithetho, ingalokothi iphambuke nakancane. Awekho amandla angaguqula noma aphazamise ukuzungeza kwayo noma indlela eyilandelayo. Ngenxa yokuthi imithetho ekhethekile eqondisa ukuhamba kwawo nemininingwane enembile ewachazayo kunqunye kusengaphambili igunya loMdali, alalela le mithetho ngokwawo, ngaphansi kobukhosi nokulawulwa uMdali. Ngomqondo obanzi, akukho nzima ngomuntu ukuthola izindlela ezithile, iminingwane ethile, kanye nemithetho engavamile futhi engachazeki. Nakuba isintu singakwemukeli ukuthi uNkulunkulu ukhona, singalamukeli iqiniso lokuthi uMdali wenza futhi ubusa yonke into, futhi ngaphezu kwalokho singakuqapheli ukuba khona kwegunya likaMdali, ososayensi, izazi zezinkanyezi, nodokotela bemvelo balokhu bethola ukuthi ukuba khona kwazo zonke izinto ezisendaweni yonke, nezimiso nezindlela zokulawula ukuhamba kwazo, konke kuqondiswa futhi kulawulwa amandla amakhulu amnyama angabonakali. Leli qiniso liphoqa umuntu ukuba abhekane futhi avume ukuthi kunoSomandla kulezi zindlela, oqondisa yonke into. Amandla Akhe awavamile, futhi nakuba kungenamuntu ongabona ubuso Bakhe bangempela, uqondisa futhi alawule yonke into. Akekho umuntu noma amandla angedlula ubukhosi Bakhe. Ebhekene naleli qiniso, umuntu kumele aqaphele ukuthi imithetho eqondisa ukuba khona kwazo zonke izinto ngeke ilawulwe abantu, ngeke iguqulwe muntu; futhi ngesikhathi esifanayo umuntu kumele avume ukuthi abantu ngeke bayiqonde ngokugcwele le mithetho. Futhi ayizenzakaleli ngokwemvelo, kodwa iqondiswa uNkulunkulu iNkosi. Konke lokhu kuwukubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu umuntu angalifuna ngezinga elibanzi.

Ngokwezinga eliphansi, zonke izintaba, imifula, amachibi, ulwandle, namazwekazi anabantu emhlabeni, zonke izinkathi zonyaka adlula kuzo, zonke izinto ezihlala emhlabeni, okubandakanya izihlahla, izilwane, izilwanyana ezincane, nabantu, kungumsebenzi wobukhosi bukaNkulunkulu, futhi kulawulwa uNkulunkulu. Ngaphansi kobukhosi nokulawula kukaNkulunkulu, konke kuba khona noma kunyamalale ngokuvumelana nemicabango Yakhe, ukuphila kwakho kuqondiswa imithetho ethile, kuyakhula futhi kwande. Akekho umuntu noma into engaphezu kwale mithetho. Kungani kunjalo? Okuwukuphela kwempendulo ukuthi, kungenxa yegunya likaNkulunkulu. Noma, ukukubeka ngenye indlela, kungenxa yemicabango kaNkulunkulu namazwi kaNkulunkulu; uNkulunkulu uqobo Lwakhe ukwenza konke. Lokho kusho ukuthi, yigunya likaNkulunkulu nomqondo kaNkulunkulu okumisa le mithetho; iyogudluka futhi iguquke ngokuvumelana nemicabango Yakhe, futhi konke lokhu kugudluka nokuguquka kwenzeka noma kunyamalale ngenxa yecebo Lakhe. Cabanga ngezifo eziwubhubhane ngokwesibonelo. Ziqubuka ngaphandle kwesexwayiso, akekho owazi imisuka yazo noma izizathu zangempela zokwenzeka kwazo, futhi noma isiphi isifo esiwubhubhane esifinyelela endaweni ethile, labo abaneshwa bayehluleka ukuphunyuka enhlekeleleni. Ososayensi bacabanga ukuthi izifo eziwubhubhane zibangelwa ukusabalala kwezilwanyana ezincane eziyingozi nezilimazayo, futhi ijubane nendlela eziyisebenzisayo ukuze zithelele isifo kwabanye ayinakuqagelwa noma ilawulwe yinoma imuphi usosayensi ongumuntu. Nakuba isintu senza konke esingakwenza ukumelana nazo, abakwazi ukulawula ukuthi yibaphi abantu noma izilwane ezithelelekayo lapho kuqubuka lezi zifo eziwubhubhane. Okuwukuphela kwento umuntu angayenza ukuzama ukuzigwema, ngokucwaninga ngazo. Kodwa akekho owazi umnyombo wangempela ochaza ukusuka nokuhlala kwanoma isiphi isifo esiwubhubhane, futhi akekho ongasilawula. Bebhekene nokuqubuka nokusabalala kwesifo esiwubhubhane, into yokuqala abantu abayicabangayo ukusungula umuthi wokusigomela, kodwa ngokuvamile isifo esiwubhubhane size siziphelele sona ungakalungi nomuthi wokusigomela. Yini eyenza izifo eziwubhubhane ziphele? Abanye bathi amagciwane asuke eselawuleka, kanti abanye bathi siphela ngenxa yokuguquka kwezinkathi zonyaka…. Ukuthi lokhu kuqagela kuyiqiniso yini, ososayensi abaphawuli lutho ngalokho, ayikho impendulo eqondile abayinikezayo. Lokho isintu esibhekene nakho akukona nje ukuqagela, kodwa ukuntula kwesintu ukuqonda nokwesaba izifo eziwubhubhane. Ekugcineni, akekho owaziyo, ukuthi izifo ziqalwa futhi ziqedwe yini. Ngenxa yokuthi isintu sinokholo kuphela kusayensi, sincika ngokuphelele kuyo, kodwa asiliqapheli igunya loMdali noma samukele ubukhosi Bakhe, asisoze sayithola impendulo.

Ngaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu, zonke izinto ziyanda, ziba khona futhi zinyamalale ngenxa yegunya Lakhe nokuphatha Kwakhe. Ezinye izinto zifika zidlule ngokushesha, futhi umuntu ngeke asho ukuthi zivele kuphi noma aqonde imithetho eziyilandelayo, ingasaphathwa eyokuqonda isizathu sokufika kanye nokwedlula kwazo. Nakuba umuntu engabona noma ezwe konke okuzodlula kuzo zonke izinto; nakuba konke kumthinta umuntu, futhi nakuba umuntu angase abambe okuvamile nokungavamile ezintweni ezehlukahlukene, akakazi lutho ngentando yoMdali nengqondo Yakhe engemva kwakho konke lokho asuke ekubona. Kunamaqiniso amaningi afihlekile ngemva kwalezo zinto. Ngoba umuntu uqhelelene kakhulu noMdali, ngoba akemukeli ukuthi igunya loMdali liqondisa zonke izinto, akasoze azazi futhi aziqonde zonke izinto ezenzeka ebukhosini Bakhe. Ngokwengxenye enkulu, ukulawula kukaNkulunkulu nobukhosi Bakhe kwedlula imingcele yemicabango yomuntu, yolwazi lomuntu, nokuqonda komuntu, nalokho isayensi yabantu engakufeza; amakhono esintu esidaliwe ngeke akwehlule. Abanye bathi, “Njengoba ungakaze ububone ubukhosi bukaNkulunkulu ngokwakho, ukukholwa kanjani ukuthi yonke into ithobela igunya Lakhe?” Ukubona akukhona ukukholwa ngaso sonke isikhathi; ukubona akukhona ukuqaphela noma ukuqonda ngaso sonke isikhathi. Ngakho elithi “ukukholwa” livelaphi? Ngingasho ngokuqiniseka, “Ukukholwa kuza ngamazinga nangokujula kokuqonda kwabantu, nokubona izinto ezingokoqobo neziyizimbangela zezinto.” Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa ungakuqapheli, ngokulutheka okuncane, ukulawula kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu kuzo zonke izinto, khona-ke enhliziyweni yakho, awusoze wavuma ukuthi uNkulunkulu unalolu hlobo lwegunya nokuthi igunya likaNkulunkulu lihlukile. Awusoze wamukela uMdali njengeNkosi yakho, uNkulunkulu wakho.

Ukudalelwa Kwesintu Nokudalelwa Kwendawo Yonke Akunakuhlukaniswa Ebukhosini BoMdali

Nonke nibadala. Abanye benu basebasha; abanye sebeqale ukuguga. Kusukela kongakholwa kuya kokholwayo, kusukela kosanda kukholwa kuNkulunkulu kuye kosalamukele izwi likaNkulunkulu nosebone umsebenzi kaNkulunkulu, lungakanani ulwazi onalo ngobukhosi bukaNkulunkulu? Ikuphi ukuqonda obe nakho ngokudalelwa kwabantu? Ingabe umuntu angakuthola konke akufunayo ekuphileni? Zingaki izinto kula mashumi ambalwa eminyaka edlule oye wakwazi ukuzenza njengoba ubufisa? Zingaki izinto ezingenzekanga njengoba bekulindelekile? Zingaki izinto ezikwehlele njengenjabulo engalindelekile? Zingaki izinto abantu abasalinde ukubona izithelo zazo—ulinde ngesineke umzuzu wakho ofanele, ulinde intando yeZulu? Zingaki izinto ezenza abantu bazizwe bengelusizo lwalutho futhi bayizehluleki? Wonke umuntu ugcwele amathemba ngokudalelwa kwakhe, futhi ulindele ukuthi yonke into ekuphileni kwakhe izoba njengoba efisa, ukuthi ngeke adinge ukudla noma okokwembatha, ukuthi ingcebo yakhe izokwanda ngokumangalisayo. Akekho ofuna ukuphila okunokuhlupheka, okugcwele ubunzima, nokukhungethwe izinhlekelele. Kodwa abantu ngeke bazibone ngaphambi kwesikhathi noma bazilawule lezi zinto. Mhlawumbe kwabanye, isikhathi esidlule simane sinokuningi kakhulu; abayazi injongo yeZulu, futhi abanandaba nayo. Ukuphila kwabo bakuphila ngokungacabangi, njengezilwane, nsuku zonke, abanandaba nokuthi kuyini ukudalelwa kwesintu, nokuthi kungani abantu bephila futhi kufanele baphile kanjani. Laba bantu baze baguge bengakuqondi ukudalelwa komuntu, futhi kuze kube yisikhathi sokufa kwabo bengenalo ulwazi ngokuthi ukuphila kumayelana nani. Abantu abanjalo bafile; abanawo umoya; bayizilwane. Nakuba bephila phakathi kwazo zonke izinto, abantu bajabule ngenxa yezindlela eziningi izwe elanelisa ngazo izidingo zabo ezingokwenyama, nakuba bebona leli lizwe elibonakalayo lilokhu lithuthuka, izinto abazibonayo—okuzwiwa izinhliziyo nomoya wabo—akunalutho lokukwenza ngezinto ezibonakalayo, futhi ayikho into ebonakalayo engathatha indawo yakho. Kuwukuqaphela okujule enhliziyweni yomuntu, okungeke kubonwe ngeso lenyama. Lokhu kuqaphela kuncike ekuqondeni komuntu, emizweni yomuntu, ekuphileni komuntu kanye nasekudalelweni komuntu. Futhi kuvame ukuholela ekutheni umuntu aqonde ukuthi iNkosi engabonakali ihlela konke, iqondisela umuntu izinto. Phakathi nazo zonke izinto, umuntu ngeke amukele amalungiselelo okudalelwa nokuqondisa; ngesikhathi esifanayo umuntu uzokwamukela indlela ayibekelwe uMdali, ubukhosi boMdali ekudalelweni komuntu. Leli iqiniso elingenakuphikwa. Akunandaba ukuthi umuntu unakuphi ukuqonda nombono ngokudalelwa, akekho ongaguqula leli qiniso.

Lapho uyoya khona usuku nosuku, lokho oyokwenza, ubani futhi yini oyohlangana nayo, yini oyoyisho, yini eyokwenzeka kuwe—ingabe kukhona noma yikuphi kulokhu okungaqagelwa? Abantu abakwazi ukubona zonke lezi zinto ngaphambi kwesikhathi, ingasaphathwa eyokuzilawula. Ekuphileni, lezi zinto ezingabonakali zenzeka njalo ngazo zonke izinsuku. Lezi zinguquko eziba khona njalo nendlela ezenzeka ngayo, zikhumbuza abantu ukuthi ayikho into evele izenzakalele nje, ukuthi umgudu wokukhula lezi zinto eziwuthathayo, nokungavimbeki kwazo, azikwazi ukuvele ziguqulwe nje abantu ngokuthanda kwabo. Yonke into eyenzekayo iyisixwayiso esintwini esivela kuMdali, futhi idlulisa umyalezo wokuthi abantu abakwazi ukulawula ukudalelwa kwabo; ngesikhathi esifanayo sonke isehlakalo simelene nomuntu, nesifiso sakhe sokubeka ukudalelwa kwakhe ezandleni zakhe. Zifana nembibizane enkulu eshaya ezindlebeni zomuntu, ziphoqe abantu ukuba baphinde bacabange ukuthi ubani ekugcineni oqondisa futhi alawule ukudalelwa kwabo. Futhi njengoba izifiso zabo zilokhu zingaphumeleli, ngokuzenzakalelayo abantu bayasemukela isimo esingokoqobo ngokudalelwa kwabo, ngentando yeZulu nobukhosi boMdali. Kusukela kulolu guquko lwansuku zonke kuya ekudalelweni kokuphila kwawo wonke umuntu, ayikho into engazembuli izinhlelo zoMdali nobukhosi Bakhe; ayikho into engawuthumeli umyalezo wokuthi “igunya loMdali ngeke liphele,” lokho akulidlulisi iqiniso laphakade lokuthi “igunya loMdali liphakeme.”

Ukudalelwa kwesintu nokwendawo yonke kusondelene nobukhosi boMdali, kuboshwe kwaqina nokuqondisa koMdali; ekugcineni ngeke kuhlukaniswe negunya loMdali. Ngemithetho yazo zonke izinto umuntu aqonda ngazo ukuqondisa koMdali nobukhosi Bakhe; ngemithetho yokuphila uthola ukulawula uMdali; kusukela ekudalelweni kwazo zonke izinto umuntu aziphothulayo ngezindlela uMdali asebenzisa ngazo ubukhosi Bakhe futhi abalawula ngazo; nasemijikelezweni yokuphila yabantu kanye nazo zonke izinto umuntu abona kukho ukuqondisa koMdali namalungiselelo azo zonke izinto nabantu abaphilayo futhi abone indlela lokhu kuqondiswa okuyidlula kude ngayo yonke imithetho yasemhlabeni, imithetho, nezinqubo, nawo wonke amanye amandla. Mayelana nalokhu, isintu siphoqelelekile ukuba sibone ukuthi ubukhosi boMdali ngeke buhlukunyezwe yinoma isiphi isidalwa, okungekho mandla angathinta noma aguqule izehlakalo nezinto ezinqunywe kusengaphambili uMdali. Kungaphansi kwale mithetho yaphezulu umuntu nazo zonke izinto kuphila futhi kuzalana, izizukulwane emva kwezizukulwane. Ingabe lokhu akulimeleli ngeqiniso igunya loMdali? Nakuba umuntu ebona, emthethweni ubukhosi boMdali nokuqondisa Kwakhe zonke izehlakalo nazo zonke izinto, bangakanani abantu abakwazi ukubamba isimiso sobukhosi boMdali endaweni yonke? Bangakanani abantu abangazi ngempela, baqaphele, bamukele, futhi bazithobe ebukhosini naselungiselelweni loMdali ngokudalelwa kwabo? Ubani kwabakholelwa ebukhosini boMdali ngazo zonke izinto, uyokholelwa ngempela futhi aqaphele ukuthi uMdali uphinde anqume ukudalelwa kokuphila komuntu? Ubani ongaqonda ngempela ukuthi ukudalelwa komuntu kusentendeni yesandla soMdali? Ukuthi luhlobo luni lombono isintu okufanele sibe nalo ngobukhosi boMdali, lapho sibhekene neqiniso lokuthi uqondisa futhi ulawula ukudalelwa kwesintu, leso isinqumo wonke umuntu manje obhekene naleli qiniso okufanele azenzele sona.

Izehlakalo Eziyisithupha Ekuphileni Komuntu

Enkambweni yokuphila komuntu, wonke umuntu ugcina efika ochungechungeni lwezehlakalo ezibalulekile. Lezi izinyathelo ezibaluleke kakhulu, ezinquma ukudalelwa komuntu ekuphileni. Okulandelayo incazelo emfishane yalezi zigaba wonke umuntu okumele adlule kuzo enkambweni yokuphila kwakhe.

Isehlakalo Sokuqala: Ukuzalwa

Lapho umuntu ezalwa, ukuthi uzalwa kumuphi umndeni, ubulili bakhe, ukubukeka, nesikhathi sokuzalwa: le imininingwane yesehlakalo sokuqala sokuphila komuntu.

Akekho ongakhetha kulezi zingxenye zesehlakalo; zonke zinqunywe kusengaphambili uMdali. Azithonyiwe nangayiphi indlela yizimo zangaphandle, futhi ayikho into umuntu angayenza ukuze aguqule la maqiniso ahlelwe uMdali ngaphambi kwesikhathi. Ukuzalwa komuntu kusho ukuthi uMdali usesifezile kakade isigaba sokuqala sokudalelwa akuhlelele lowo muntu. Ngenxa yokuthi kusuke sekuyisikhathi eside vele enqume le miningwane, akekho onamandla okushiya noma yimuphi kuyo. Kungakhathaleki ukuthi ukudalelwa komuntu kuyoba yini, izimo umuntu azalwa kuzo zinqunywe kusengaphambili, futhi zihlala ziyilokho; azithonywa nangayiphi indlela ukudalelwa kokuphila komuntu, futhi azibuthinti nangayiphi indlela ubukhosi boMdali ngaphezu kwaso.

1) Kuzalwa Ukuphila Okusha Ngecebo LoMdali

Yimiphi imininingwane yesehlakalo sokuqala—indawo umuntu azalelwa kuyo, umndeni wakhe, ubulili bakhe, ukubukeka komzimba wakhe, nesikhathi umuntu azalwa ngaso—umuntu angakwazi ukuyikhetha? Ngokusobala, ukuzalwa komuntu isehlakalo esizenzakalelayo: Umuntu uzalwa engazikhethelanga, endaweni ethile, ngesikhathi esithile, emndenini othile, enokubukeka okuthile komzimba; uba ilungu lomndeni othile engazikhethelanga, uba sohlwini lozalo lomndeni wothile. Akukho umuntu angakhetha kukho kulesi sehlakalo sokuqala, kodwa uzalwa endaweni engeke ingavumelani namacebo oMdali, emndenini othile, enobulili obuthile nokubukeka, nangesikhathi esithile esihlobene eduze nenkambo yomuntu yokuphila. Yini umuntu angayenza kulesi sehlakalo esibalulekile? Ngamafuthi nje, umuntu angeke azikhethele ngisho nokukodwa kule mininingwane emayelana nokuzalwa kwakhe. Ukube kwakungekho ngenxa yezinto uMdali ayezihlele ngaphambi kwesikhathi nangesiqondiso Sakhe, ukuphila okusha kuleli zwe kwakungeke kwazi ukuthi kuzoyaphi noma kuzohlala kuphi, kwakungeke kube nabuhlobo, kube nendawo noma ikhaya langempela. Kodwa ngenxa yamalungiselelo anokucophelela oMdali, kuqala inkambo yokuphila enendawo yokuhlala, abazali, indawo yakho, nezihlobo. Kuyo yonke le nqubo, ukufika kwalokhu kuphila okusha kunqunywa izinhlelo zoMdali, futhi konke okuzoba nakho kuzobe kukunikwa uMdali. Kuqala kuwumzimba ongenagama bese kancane kancane kuba nenyama negazi, kubonakale, umuntu obonakalayo, esinye sezidalwa zikaNkulunkulu, esicabangayo, esiphefumulayo, esizwa ukushisa namakhaza, esingenza yonke imisebenzi evamile yesidalwa esidaliwe esisezweni elibonakalayo, futhi esiyodlula kuzo zonke izinto umuntu odaliwe adlule kuzo empilweni. Ukunqunywelwa kusengaphambi kwesikhathi sokuzalwa komuntu, kunqunywa uMdali okusho ukuthi uyonika lowo muntu konke okudingekayo ukuze aphile; futhi ukuthi umuntu uyazalwa nakho kusho ukuthi uyothola kuMdali konke akudingayo ukuze aphile, kusukela lapho ephila kuya kokunye, uyokunikwa uMdali futhi azithobe ebukhosini boMdali.

2) Kungani Kuzalwa Abantu Abehlukene Ngaphansi Kwezimo Ezehlukene

Abantu bavame ukucabanga ukuthi uma bengase bazalwe kabusha, bayoba semndeni ohlonishwayo; uma babengabesifazane, bayoba mhlophe bathandwe yiwo wonke umuntu, futhi uma bengabesilisa bayoba abakhangayo, abangantuli lutho, lonke izwe libheke bona. Kuvame ukuba nalabo abalutheke kakhulu ngokuzalwa kwabo futhi abangagculisekile kakhulu ngakho, bazonda umndeni wabo, indlela ababukeka ngayo, ubulili babo, ngisho nesikhathi abazalwa ngaso. Kodwa abantu abaqondi ukuthi kungani bazalelwa emndenini othile noma bebukeka ngaleyo ndlela. Abazi ukuthi kungakhathaleki ukuthi bazalelwaphi noma ukuthi babukeka kanjani, bazodlala izindima ezehlukene bafeze imisebenzi ehlukahlukene emsebenzini woMdali wokuqondisa—le njongo ngeke iguquke. Emehlweni oMdali, indawo umuntu azalelwa kuyo, ubulili bakhe, nendlela umuntu abukeka ngayo, konke kuyizinto zesikhashana. Kuwuchungechunge lwezinto ezincane ezizodlula ngokushesha, izimpawana ezincane zesigaba ngasinye sokuqondisa Kwakhe isintu sonke. Kanti indawo yangempela umuntu aphokophele kuyo nesiphelo sakhe akunqunywa indlela ethile yasekuzalweni kwakhe, kodwa kunqunywa umsebenzi awufezayo kukho konke ukuphila kwakhe, ngokwahlulela koMdali kuye lapho ukuqondisa Kwakhe sekuphelile.

Kuye kwashiwo ukuthi kunembangela yawo wonke umphumela, awukho umphumela ongenayo imbangela yawo. Ngakho ukuzalwa komuntu kuhlanganisa ukuphila kwamanje komuntu nokwesikhathi esedlule. Uma ukufa kuqeda inkambo yokuphila komuntu, khona-ke ukuzalwa komuntu kungukuqala komjikelezo omusha; uma umjikelezo omdala umelela ukuphila okwedlule komuntu, ngakho-ke umjikelezo omusha ngokwemvelo uwukuphila kwabo kwamanje. Njengoba ukuzalwa komuntu kuxhumene nokuphila kwakhe okudlule, indawo, umndeni, ubulili, ukubukeka, nokunye okunjalo, okuhlotshaniswa nokuzalwa komuntu, konke kuhlobene naye. Lokhu kusho ukuthi izinto ezimayelana nokuzalwa komuntu azithonywanga kuphela ukuphila kwakhe okwedlule, kodwa zinqunywa umgomo wakhe ekuphileni kwamanje. Yilesi isizathu kunezimo ezehlukahlukene abantu abazalwa ngaphansi kwazo: Abanye bazalelwa emindenini ehluphekayo, abanye bazalelwa emindenini ecebile. Abanye bavela emindenini evamile, abanye bavela emindenini ehlonishwayo. Abanye bazalelwa eningizimu, abanye bazalelwa enyakatho. Abanye bazalelwa ogwadule, abanye bazalelwa emazweni acaphuna kusale. Lapho kuzalwa abanye kuba nenjabulo, intokozo kanye nemigubho, kanti kwabanye kuba nezinyembezi, inhlekelele kanye nomunyu. Abanye bazalwa beyigugu, abanye balahlwa njengembewu. Abanye bazalwa benofuzo oluhle, abanye benolubi. Abanye bahle ukubabheka, abanye babi. Abanye bazalwa phakathi kwamabili, abanye bazalwa ilanga libalele likhipha umkhovu etsheni. … Ukuzalwa kwabantu bazo zonke izinhlobo kunqunywa ukudalelwa uMdali ababekele khona; ukuzalwa kwabo kunquma ukudalelwa kwabo ekuphileni kwamanje kanye nezindima abazozidlala nemisebenzi abazoyifeza. Konke lokhu kuthobela ubukhosi boMdali, okunqunywe kusengaphambili Nguye; akekho ongaphunyuka esimweni sakhe anqunyelwe sona kusengaphambili, akekho ongaguqula izimo azalelwe kuzo, futhi akekho ongazikhethela ukudalelwa kwakhe.

Isehlakalo Sesibili: Ukukhula

Kuya ngokuthi bazalelwe ohlotsheni olunjani lomndeni, abantu bakhulela ezindaweni ezingafani bafunde nezifundo ezingafani kubazali babo. Lokhu kunquma izimo umuntu ayokhula abe yizo, futhi ukukhula kwakhe kumelela isehlakalo sesibili esibalulekile sokuphila komuntu. Akungabazeki ukuthi abantu abanalutho abangakukhetha ngalesi sehlakalo. Sinqunywe futhi sahlelwa ngaphambi kwesikhathi.

1) Izimo Umuntu Akhula Ngaphansi Kwazo Zinqunywa UMdali

Umuntu ngeke akwazi ukukhetha abantu, izigameko noma izinto ezimakhayo nezimthonyayo ngenkathi ekhula. Akakwazi ukukhetha ukuthi yiluphi ulwazi noma iziphiwo aba nazo, yimiphi imikhuba aba nayo. Akazikhetheli abazali nezihlobo zakhe, indawo azokhulela kuyo; futhi ubudlelwane bakhe nabantu, izehlakalo nezinto ezimzungezile, kanye nendlela ezithonya ngayo ukukhula kwakhe, zonke lezi kuyizinto ezingaphezu kwamandla akhe. Kanti ubani owenza izinqumo ngalezi zinto? Ubani ozihlelayo? Njengoba abantu kungebona abanqumayo, njengoba bengeke bazikhethele kulezi zinto, futhi njengoba bengakwazi ukuphoqa imizimba yabo ukuba izenze ngokwemvelo, kusobala ukuthi ukwakheka kwabo bonke laba bantu, izigameko, nezinto kusezandleni zoMdali. Njengoba nje uMdali ehlela izimo ezithile zokuzalwa kwawo wonke umuntu, uhlela futhi nezimo ezithile umuntu azokhula ngaphansi kwazo. Uma ukuzalwa komuntu kuletha uguquko kumuntu, ezehlakalweni, nasezintweni ezimzungezile, ukukhula kwalowo muntu kuyothinta nabanye ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, abanye abantu bazalelwe emindenini ehluphekayo, kodwa bakhula bezungezwe umcebo; abanye bakhulela emindenini echumayo kodwa kwenzeke ukuba lowo mcebo womndeni wabo uwe, ngezinga lokuthi baze bakhulela enhluphekweni. Akukho ukuzalwa komuntu okuqondiswa umthetho ongenakuguquka, akekho okhulela ezimweni ezingenakugwemeka, izimo ezihlelwe ngaphambi kwesikhathi. Lezi akuzona izinto umuntu angaba nazo noma angazilawula; zibangelwa ukudalelwa komuntu, futhi zinqunywe ukudalelwa komuntu. Yebo, okubalulekile ukuthi zinqunywe ngaphambi kwesikhathi uMdali ukuba zibe ukudalelwa komuntu, zinqunyelwe kusengaphambili ubukhosi boMdali, nezinhlelo Zakhe, ukuba zibe ukudalelwa komuntu.

2) Izimo Ezehlukahlukene Abantu Abakhula Ngaphansi Kwazo Zibangela Izindima Ezehlukene

Izimo zokuzalwa komuntu zakhiwa ngokuyisisekelo yizinga lendawo kanye nezimo akhula ngaphansi kwazo, futhi izimo umuntu akhula ngaphansi kwazo zibangelwa izimo azalwa ngaphansi kwazo. Ngesikhathi umuntu eqala ukufunda ulimi, ingqondo yomuntu iqala ukusebenza futhi ibambe izinto ezintsha, ngesikhathi umuntu elokhu ekhula. Izinto umuntu azizwa ngezindlebe zakhe, azibona ngamehlo akhe, nazifaka engqondweni yakhe, kancane kancane zikhulisa futhi zithuthukise umuntu ngaphakathi. Abantu, izehlakalo, nezinto umuntu ahlangabezana nazo, umqondo, ulwazi, namakhono awafundayo, nezindlela zokucabanga ezithonya lowo muntu, okugxiliswa kuye, noma akufundiswayo, konke kuzoqondisa futhi kuthonye ukudalelwa komuntu ekuphileni. Ulimi umuntu alufundayo njengoba ekhula nendlela acabanga ngayo kuhlobene kakhulu nendawo akhulela kuyo lapho esemusha, futhi leyo ndawo inabazali, alamana nabo, nabanye abantu, izehlakalo nezinto ezimzungezile. Ngakho inkambo yokukhula komuntu inqunywa indawo akhulela kuyo, futhi ixhomeke nakubantu, izenzakalo, nezinto asondelana nazo phakathi nale nkathi. Njengoba izimo umuntu akhula ngaphansi kwazo zinqunywa kusasele isikhathi eside, indawo umuntu akhulela kuyo ngesikhathi sale nqubo nayo futhi, ngokuvamile, inqunywa ngaphambi kwesikhathi. Akunqunywa izinto umuntu azikhethayo nazithandayo, kodwa kunqunywa izinhlelo zoMdali, kunqunywa amalungiselelo oMdali enziwe ngokucophelela, ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu ekuphileni. Ngakho abantu noma yimuphi umuntu ahlangana nabo ekukhuleni kwakhe, nezinto umuntu ahlangabezana nazo, konke nakanjani kuhlangene nokuqondisa kanye nokuhlela koMdali. Abantu abakwazi ukubona ngaphambi kwesikhathi lezi zinhlobo zobudlelwane obuyinkimbinkimbi, futhi abakwazi ukubulawula noma babuqonde. Izinto eziningi ezingafani nabantu abaningi abangafani banomthelela endaweni umuntu akhula kuyo, futhi akekho umuntu okwazi ukuhlela nokuqondisa ukuxhumana okubanzi ngaleyo ndlela. Akekho umuntu noma into ngaphandle koMdali, okungalawula ukubukeka, ukuba khona nokungabi bikho kwabantu abaningi abehlukahlukene, izehlakalo, nezinto futhi yilokho kuwukuxhumana okuningi okulolonga ukukhula komuntu njengoba kunqunywe uMdali ngaphambi kwesikhathi, kwakha izizinda ezingafani umuntu akhulela kuzo, kwakhe nezindima ezingafani zomsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa, kubekele abantu isisekelo esiqinile ukuze bayifeze ngempumelelo imisebenzi yabo.

Isehlakalo Sesithathu: Ukuzimela

Ngemva kokudlula komuntu esigabeni sobuntwana nesokuthomba futhi kancane kancane ufinyelela ezingeni lokuvuthwa, isinyathelo esilandelayo kuba ukuvalelisa ubusha babo ngokuphelele, ukuvalelisa abazali babo, babhekane nendlela ebahlalele yokuba ngabantu abadala abazimele. Kuleli qophelo kumele babhekane nabo bonke abantu, izehlakalo, nezinto umuntu omdala okumele abhekane nazo, babhekane nazo zonke izingxenye zokudalelwa kwabo ezizoziveza maduze. Lesi isehlakalo sesithathu umuntu okumele adlule kuso.

1) Ngemva Kokuzimela, Umuntu Uqala Ukubona Ubukhosi BoMdali

Uma ukuzalwa komuntu nokukhula kwakhe “kuyinkathi yokulungiselela” uhambo lomuntu empilweni, kubeka isisekelo sokudalelwa komuntu, khona-ke ukuzimela komuntu kulungiselela ukudalelwa komuntu ekuphileni. Uma ukuzalwa komuntu nokukhula kwakhe kuwumcebo abawuqongelele wesiphetho sabo ekuphileni, khona-ke ukuzimela komuntu kuyinkathi yokuqala ukuwusebenzisa noma ukwenezela kuleyo ngcebo. Lapho othile eshiya abazali bakhe futhi ezimela, izimo zenhlalo abhekana nazo, nohlobo lomsebenzi nekusasa lakhe, kokubili kunqunywa ukudalelwa futhi akuhlangene nalutho nabazali bakhe. Abanye abantu bakhetha imfundo enhle emakolishi bagcine sebethole umsebenzi obagculisayo ngemva kokuthola iziqu, okuyinjabulo yokuqala abayithola ohambweni lwempilo yabo. Abanye abantu bafunda baze babe ngompetha bamakhono athile kodwa bengawutholi umsebenzi abawufunayo, bengatholi ikusasa abalifunayo; ekuqaleni kohambo lwabo empilweni yonke into ibonakala ingahlangani, kugcwele izinkinga, amathemba abo eshabalala nokuphila kwabo kungaqiniseki. Abanye abantu bayazinikela ezifundweni zabo, kodwa balahlekelwe amathuba okuthola imfundo ephakeme, kubonakala bedalelwe ukungayitholi impumelelo, amathemba okuqala empilweni yabo aphenduka aphelele emoyeni. Bengazi noma umgwaqo ongaphambi kwabo muhle noma unamatshe, bakuzwa okokuqala ukungafani kwekusasa labantu, futhi baba nethemba nokwesaba ekuphileni. Abanye abantu, ngaphandle kokungafundi kakhulu, babhala izincwadi, bathole udumo oluthile; abanye nakuba cishe bengafundile ngokuphelele, benza imali emabhizinisini ukuze bakwazi ukuphila…. Mayelana nendlela yokuphila umuntu ayikhethayo nendlela aphila ngayo: ingabe abantu bangakwazi ukulawula ukuthi benza isinqumo esihle noma esibi? Ingabe bayahambisana nesifiso kanye nezinqumo zabo? Abanye bafisa sengathi bangasebenza kancane bahole kakhulu, bengashiswa yilanga noma banethwe yimvula, bagqoke kahle, bacwebezele ngazo zonke izindlela, babe ngaphezu kwabanye, benze okhokho babo bahlonipheke. Izifiso zabantu zinhle kakhulu, kodwa lapho abantu bethatha isinyathelo sokuqala ekuphileni kwabo, bavame ukubona ukuthi asiphelele kangakanani isiphetho somuntu, futhi baqala lapho ukuqonda ngempela iqiniso lokuthi, nakuba umuntu angase ahlele izinto ezinkulu ngekusasa lakhe, nakuba angase asebenzele ukufeza amaphupho amakhulu, akekho onekhono noma amandla okubona amaphupho akhe, akekho ongakwazi ukulawula ikusasa lakhe. Kuyohlale kunegebe elikhona phakathi kwephupho lomuntu nento engokoqobo umuntu okumele abhekane nayo; izinto azenzeki ngendlela umuntu abengafisa ngayo, abantu ababhekene nezinto ezinjalo ekuphileni abasoze bathola ukwaneliseka noma ukugculiseka. Abanye abantu bangaze benze ngisho nezinto ezingacabangeki, benze imizamo emikhulu futhi banikele ngezinto ezinkulu ngenxa yokuziphilisa nekusasa labo, ngomzamo wokuguqula ukudalelwa kwabo. Kodwa ekugcineni, ngisho noma bengawafinyelela amaphupho nezifiso zabo ngenxa yokusebenza kanzima, abasoze baguqula ukudalelwa kwabo, kungakhathaleki ukuthi bazama kangakanani ukuguqula lokho ikusasa elibabekele khona. Akunandaba ukuthi abantu bahlukene kangakanani ngokwamakhono, izinga lokuhlakanipha, namandla, bonke abantu bayalingana ekudalelweni, lokho okwenza ungabi bikho umehluko phakathi kokukhulu nokuncane, kokuphakeme nokuphansi, kophezulu nompofu. Ukuthi yimuphi umsebenzi wokuziphilisa umuntu awuphishekelayo, lokho umuntu akwenzayo ukuze aziphilise, kanye nomcebo umuntu awuqongelelayo ekuphileni akunqunywa abazali bakhe, amakhono akhe, umzamo wakhe noma izifiso zakhe, kodwa kunqunywa kusengaphambili uMdali.

2) Ukushiya Abazali Umuntu Aqale Ukudlala Indima Yakhe Empilweni

Lapho umuntu evuthwa, uyakwazi ukushiya abazali bakhe azizabalazele, futhi kukuleli qophelo lapho umuntu aqala khona ngempela ukudlala indima yakhe, lapho umsebenzi wakhe ucaca khona nakakhulu. Ngokwegama umuntu usahlobene kakhulu nabazali bakhe, kodwa ngenxa yomsebenzi wakhe indima ayidlalayo ekuphileni, ayihlanganise lutho nonina noma uyise, eqinisweni ukusondelana kuya ngokuya kuphela njengoba umuntu ezimela kancane kancane. Ngokombono wemvelo, abantu ngeke bayeke ukuncika kubazali babo ngezindlela eziningi, kodwa eqinisweni, uma sebekhulile baphila ukuphila okuhluke kakhulu kokwabazali babo, futhi bayokwenza izinto ngendlela yabo. Ngaphandle kokuzala nokukhulisa ingane, isibopho sabazali ekuphileni kwengane ukuyinakekela ngendawo ekahle abazoyikhulisela kuyo, akukho lutho ngaphandle kokunquma kusengaphambili koMdali okungaba nomthelela ngokudalelwa komuntu. Akekho ongalawula ukuthi luhlobo luni lwekusasa umuntu ayoba nalo; kade lanqunywa ngaphambi kwesikhathi, akukho ngisho nomzali oyedwa ongaguqula ukudalelwa komuntu. Uma nje kukhulunywa ngokudalelwa, akekho oncike komunye, wonke umuntu unokudalelwa kwakhe. Ngakho abekho abazali abangavimba ukudalelwa komuntu ekuphileni noma babe nethonya elincane endimeni ingane eyidlalayo ekuphileni. Kungashiwo ukuthi umndeni umuntu azalwa kuwo, nendawo akhulela kuyo, kuyizimo ezihlelwe ngaphambili zokufeza umsebenzi womuntu ekuphileni. Azinqumi nangayiphi indlela ukudalelwa komuntu ekuphileni noma indawo aphokophele kuyo lapho umuntu efeza umsebenzi wakhe. Ngakho abekho abazali abangasiza umuntu afeze umsebenzi wakhe, azikho izihlobo ezingadlalela umuntu indima yakhe ekuphileni. Indlela umuntu afeza ngayo umsebenzi wakhe nendawo umuntu enza umsebenzi wakhe kuyo konke kunqunywa ngokuphelele ukudalelwa komuntu empilweni. Ngamanye amazwi, azikho izimo ezingathonya umsebenzi womuntu, ezinqunywe uMdali ngaphambi kwesikhathi. Bonke abantu bavuthwa ezimweni abakhula kuzo, bese kancane kancane, beqala uhambo lwabo ekuphileni, bafeze iziphetho abahlelelwe zona uMdali, ngokuvamile, bazingenele ngokungazikhetheli olwandle olukhulu lwesintu futhi benze okuqondene nabo ekuphileni, lapho beqala khona ukufeza izibopho zabo njengabantu abadaliwe, benza lokho ngenxa yalokho okunqunywe uMdali ngaphambi kwesikhathi, ngenxa yobukhosi Bakhe.

Isehlakalo Sesine: Umshado

Njengoba umuntu ekhula futhi evuthwa, kuvuleka igebe elikhudlwana phakathi kwakhe nabazali bakhe nendawo azalwa futhi wakhulela kuyo, bese eqala ukufuna ukuthola ukuthi ukuphila kwakhe kuphokophele kuphi, enze imigomo yakhe ehlukile kweyabazali bakhe. Phakathi nalesi sikhathi, usuke engasabadingi abazali bakhe, kodwa usuke esedinga umlingani azophila naye: umuntu azohlala naye, ukudalelwa komuntu okusondele eduze naye. Ngale ndlela, isenzakalo esikhulu umuntu abhekana naso umshado, isehlakalo sesine okumele adlule kuso.

1) Akukho Umuntu Angakukhetha Ngokuphathelene Nomshado

Umshado uyisehlakalo esiyisihluthulelo ekuphileni kwanoma imuphi umuntu; yisikhathi umuntu aqala ngaso ukuba nezibopho eziningi ekuphileni, aqale kancane kancane ukufeza izinhlobo ezahlukene zemisebenzi. Abantu baba nemicabango eminingi ngomshado ngaphambi kokuba bangene kuwo, futhi yonke le micabango mihle. Owesifazane wayecabanga ukuthi uyoshada neNkosana Ekhangayo, futhi owesilisa ecabanga ukuthi uyoshada neNkosazane Emhlophe Njengeqhwa. La maphupho abonisa ukuthi wonke umuntu unezimfuneko ezithile ngomshado, izinto azifunayo kanye namazinga azo. Nakuba kule nkathi enokukhohlakala abantu bevame ukukhohliswa ngemiyalezo eyihaba ngomshado, okwenza abaningi balindele okuningi, futhi kwenze abantu babe nayo yonke imibono engavamile, wonke umuntu oke washada uyazi ukuthi akunandaba ukuthi abantu bacabangani, akunandaba ukuthi abantu bawubheka kanjani, umshado owukho mayelana nemibono yabantu.

Umuntu uhlangana nabantu abaningi ekuphileni, kodwa akekho owaziyo ukuthi uyoshada nobani. Nakuba wonke umuntu enemibono yakhe mayelana nomshado, akekho ongabona ngaphambi kwesikhathi ukuthi uyoshada nobani, futhi imibono yomuntu ayisho lutho. Ngemva kokuhlangana nomuntu omthandayo, ungamshela lowo muntu; kodwa ukuthi yena uyakuthanda, noma ukuthi uzokwazi ukuba umlingani wakho, akuyona into enganqunywa nguwe. Okufunayo othandweni lwakho akuyena nje umuntu ozophilisana naye; futhi empilweni yakho kungavumbuka umuntu obungamlindele abe umlingani wakho, abe into ebaluleke kakhulu ekudalelweni kwakho, abe yingxenye yakho, lowo ukudalelwa kwakho okuboshelwe kuye ngokungenakuhlukaniswa. Ngakho nakuba kunezigidi zemishado emhlabeni, wonke umuntu wehlukile: Mingaki imishado engagculisi, mingaki ejabulayo, mingaki eyiMpumalanga neNtshonalanga, mingaki eyiNyakatho neNingizimu; bangaki odalelwe bona, bangaki abasezingeni lakho; bangaki abajabulayo nabanokuzwana, bangaki abezwa ubuhlungu nabanosizi; bangaki abanomona ngabanye, bangaki abangaqondwa futhi abangathandwa; bangaki abachichima injabulo, bangaki abageleza izinyembezi nabangenathemba…. Kulezi zinqwaba zemishado, abantu bembula ubuqotho nokuzibophezela ukuphila kwabo konke emshadweni, noma uthando, ukusondelana, nokungahlukani, noma ukushiya, nokungaqondi, noma ukukhashelwa kuwo, ngisho nenzondo. Kungakhathaleki ukuthi umshado ngokwawo uletha injabulo noma ubuhlungu, umsebenzi wawo wonke umuntu ngomshado unqunywa uMdali futhi ngeke uguquke; wonke umuntu kumele awufeze. Futhi ukudalelwa komuntu ngamunye emshadweni akuguquki; kunqunywe uMdali esikhathini eside ngaphambili.

2) Umshado Uzalwe Ukudalelwa Kwabantu Ababili

Umshado isehlakalo esikhulu ekuphileni komuntu. Uwumkhiqizo wokudalelwa komuntu, ihhuku elibalulekile ekudalelweni komuntu; awusekelwa ezintweni ezithandwa noma ezikhethwa yinoma imuphi umuntu, futhi awuthonywa izinto eziseceleni, kodwa unqunywa ngokuphelele ukudalelwa kwamaqembu amabili, ngamalungiselelo oMdali nokunqunyelwa kusengaphambili kokudalelwa kombhanqwana. Ngaphandle, injongo yomshado ibonakala iwukuqhubekisela phambili uhlanga lwesintu, kodwa iqiniso liwukuthi umshado usiko umuntu okufanele alwenze enqubweni yokufeza umsebenzi kaNkulunkulu. Izindima ezidlalwa abantu emshadweni okukhona nje ukukhulisa isizukulwane esilandelayo; ziyizindima ezehlukahlukene umuntu azithathayo nemisebenzi okumele ayifeze enkambweni yokulondoloza umshado. Njengoba ukuzalwa komuntu kubangela abantu ukuba baguquke, izehlakalo nezinto ezibazungezile, umshado uyobathinta, futhi uzobaguqula ngezindlela eziningi ezingafani.

Lapho umuntu ezimela, uqala uhambo lwakhe empilweni, olumholela kancane kancane kubantu, ezehlakalweni, nasezintweni ezihlobene nomshado wakhe; futhi ngesikhathi esifanayo omunye umuntu ozoba ingxenye yalowo mshado uyasondela, kancane kancane kubantu abafanayo, ezehlakalweni, nasezintweni. Ngaphansi kobukhosi boMdali, abantu ababili abangahlobene, abanokudalelwa okukodwa bangena kancane kancane emshadweni, ngokumangalisayo, babe umndeni, “izintethe ezimbili ezisentanjeni eyodwa.” Ngakho lapho umuntu engena emshadweni, uhambo lwakhe ekuphileni luyothinta lona omunye oyingxenye yakhe, futhi nangendlela efanayo nohambo lomlingani womuntu luyothinta ukudalelwa kwempilo yakhe ngendlela efanayo. Ngamanye amazwi, ukudalelwa komuntu kunokuhlangana, futhi akekho ongafeza umsebenzi owodwa empilweni noma indima eyodwa ngokugcwele ngaphandle kwabanye. Ukuzalwa komuntu kuyiketango elide lobudlelwane; ukukhula nakho kuneketango elide lobudlelwane eliyinkimbinkimbi; ngendlela efanayo, ngeke kugwemeke ukuthi umshado ube khona futhi ulondolozwe ezindleleni eziningi eziyinkimbinkimbi, ezihlanganisa wonke amalungu, okuthonya ukudalelwa kwawo wonke umuntu onengxenye kuwo. Umshado awuwona umkhiqizo wamalungu emindeni emibili, izimo akhule ngaphansi kwazo, ukubukeka kwawo, iminyaka yawo, ubuntu bawo, amakhono awo, noma ezinye izinto; kunalokho, usuka emsebenzini ofanayo nasekudalelweni okuhambisana nakho. Lona umsuka womshado, umkhiqizo wokudalelwa komuntu oqondiswa futhi uhlelwe uMdali.

Isehlakalo Sesihlanu: Ukuzala

Ngemva kokushada, umuntu uqala ukunakekela isizukulwane esilandelayo. Akukho ongakwenza ngobuningi nohlobo lwezingane aba nazo; nalokhu kunqunywa ukudalelwa komuntu, kunqunyelwe ngaphambili uMdali. Lesi isehlakalo sesihlanu umuntu okumele adlule kuso.

Uma umuntu ezalwe ngenjongo yokufeza indima yengane yomunye umuntu, khona-ke ubuka isizukulwane esilandelayo ukuze afeze indima yomunye umzali. Lokhu kushintshana ngezindima kwenza umuntu adlule ezigabeni ezehlukene ekuphileni ngombono owehlukile. Kwenza nomuntu abheke ukuphila ngendlela ehlukile, lapho azokwazi khona ubukhosi obubodwa boMdali, kanye neqiniso lokuthi akekho ongagxambukela noma aguqule izinto uMdali azinqume kusengaphambili.

1) Umuntu Akazikhetheli Ukuthi Uzozala Ingane Enjani

Ukuzalwa, ukukhula, kanye nomshado konke kuletha izinhlobonhlobo namazinga angefani okudumazeka. Abanye abantu abanelisekile ngemindeni yabo noma ngendlela ababukeka ngayo; abanye ababathandi abazali babo; abanye bayayizonda indawo abakhulele kuyo. Futhi kwabaningi, ngaphandle kwakho konke ukudumazeka emshadweni kunokungagculiseki okukhulu. Akunandaba ukuthi umuntu akagculisekile kangakanani ngokuzalwa kwakhe, ukukhula kwakhe, noma umshado wakhe, wonke umuntu odlule kukho uyazi ukuthi umuntu ngeke azikhethele indawo nesikhathi azalwa ngaso, indlela abukeka ngayo, ukuthi bangobani abazali bakhe, nokuthi ushada nobani, kodwa kumele amane amukele intando yeZulu. Kodwa lapho kufika isikhathi sokuthi abantu bakhulise isizukulwane esilandelayo, bazohlela zonke izifiso abangaziqapheli engxenyeni yokuqala yokuphila kwabo enzalweni yabo, ngethemba lokuthi izingane zabo zizolungisa ukuphoxeka abahlangabezane nakho engxenyeni yokuqala yokuphila kwabo. Ngakho baba nazo zonke izinhlobo zamaphupho ezinganeni zabo: ukuthi amadodakazi abo azokhula abe mahle ngokumangalisayo, amadodana abo abukeke kahle; amadodakazi abo ayoba aphucukile naneziphiwo namadodana abo abe abafundi abahlakaniphile nabadlali abangompetha; ukuthi amadodakazi abo ayoba nomusa, abe nesimilo, futhi ahluzeke emqondweni, namadodana abo ahlakaniphe, abe nolwazi, futhi akhaliphe. Banethemba lokuthi amadodakazi noma amadodana abo, ayobahlonipha abantu abadala, acabangele abazali bawo, athandwe futhi adunyiswe yiwo wonke umuntu…. Kuleli qophelo amathemba okuphila aqala phansi, namaphupho amasha ayavuseleleka ezinhliziyweni zabantu. Abantu bayazi ukuthi abanamandla futhi abanathemba empilweni, lokuthi ngeke bathole elinye ithuba, elinye ithemba, lokuvelela kwabanye, nokuthi akukho abangakwenza ngaphandle kokwamukela ukudalelwa kwabo. Ngakho baklama wonke amathemba abo, izifiso nemibono yabo engazange igcwaliseke, esizukulwaneni esilandelayo, ngethemba lokuthi inzalo yabo ingabasiza bafeze amaphupho abo kanye nezifiso zabo; ukuthi amadodakazi namadodana ayoletha inkazimulo egameni lomndeni, abaluleke, acebe, noma adume; ngamafuphi, bafuna ukubona ingcebo yezingane zabo. Izinhlelo namaphupho abantu kuphelele; abazi yini ukuthi inani lezingane abanazo, ukubukeka kwezingane zabo, amakhono, njalo njalo, akunqunywa yibo, ukuthi ukudalelwa kwezingane zabo akukho nhlobo entendeni yesandla sabo? Abantu abakuqondisi ukudalelwa kwabo, kodwa bafuna ukuguqula ukudalelwa kwesizukulwane esincane; abanawo amandla okuphunyuka ekudalelweni kwabo, kodwa bazama ukulawula lokho kwamadodana namadodakazi abo. Abenzi yini ihaba? Ingabe lobu akubona ubuphukuphuku bomuntu nokunganaki? Abantu benza noma yini ngenxa yezingane zabo, kodwa ekugcineni, ukuthi umuntu unezingane ezingaki, nokuthi izingane ziyoba njani, akuyona impendulo yezinhlelo nezifiso zabo. Abanye abantu abanalutho, kodwa baba nezingane eziningi; abanye abantu bacebile kodwa abanangane. Abanye bafuna indodakazi, kodwa asifezeki isifiso sabo; abanye bafuna indodana kodwa abayitholi ingane yomfana. Kwabanye izingane ziyisibusiso; kwabanye ziyisiqalekiso. Abanye abazali bahlakaniphile, kodwa bazale izingane eziyiziwula; abanye abazali bakhuthele futhi bathembekile, kodwa izingane abazikhulisayo zingamavila. Abanye abazali banomusa futhi balungile kodwa banezingane ezinenzondo futhi eziyingozi. Abanye abazali bahluzekile engqondweni futhi baphile kahle kodwa bazala izingane ezingaphilile kahle. Abanye abazali bangabantu abavamile futhi abaphumeleli kodwa banezingane ezenza izinto ezinkulu. Abanye abazali abaziwa kodwa izingane zabo zingosaziwayo. …

2) Ngemva Kokukhulisa Isizukulwane Esilandelayo, Abantu Bathola Ukuqonda Okusha Ngokudalelwa

Abantu abaningi abashadayo bashada beneminyaka engaba ngama-30, futhi kuleli qophelo ekuphileni umuntu akazi lutho ngendawo umuntu aphokophele kuyo. Kodwa lapho abantu beqala ukukhulisa izingane, njengoba izingane zabo zikhula, babheka isizukulwane esisha siphinda ukuphila nazo zonke izinto abadlule kuzo esizukulwaneni esidala, babona izinto abadlule kuzo ziphindeka kuzo, babone ukuthi indlela isizukulwane esincane esihamba kuyo, njengoba nje kwakunjalo nakubo, ngeke ihlelwe noma ikhethwe. Bebhekene naleli qiniso, ayikho into abangayenza ngaphandle kokuvuma ukuthi ukudalelwa komuntu kunqunyelwe kusengaphambili; futhi uma bengakuboni lokho, kancane kancane baphambukela ezifisweni zabo, kuqubuke izinto ezisekujuleni kwenhliziyo yabo zibabulale…. Phakathi nale nkathi, ingxenye enkulu anayo idlula kuyingqopha-mlando ebalulekile empilweni futhi yenza kube nokuqonda okusha ekuphileni, umbono omusha. Kungakanani umuntu onale minyaka angakulindela esikhathini esizayo futhi yimaphi amathemba okufanele bawalangazelele? Imuphi umuntu oneminyaka engama-50 osaphupha ngeNkosana Ekhangayo? Yini indoda eneminyaka engama-50 esaphupha ngeNkosazane Emhlophe Njengeqhwa? Ingabe owesifazane osekhulakhulile ufisa ukuyeka ukuba yidada elincane elibi abe yidada elihle? Ingabe amadoda amaningi asekhulile anekusasa elifanana nelezinsizwa? Ngamafuphi, kungakhathaleki ukuthi uyindoda noma owesifazane, wonke umuntu okule minyaka maningi amathuba okuba ahluzeke emqondweni, abe nombono omuhle ngomshado, ngomndeni nangezingane. Umuntu onjalo akukho empeleni angakhetha kukho, akanasifiso sokubekela ukudalelwa inselele. Ngokwezinto umuntu adlule kuzo, uma umuntu esekule minyaka, kuyazenzakalela ukuthi athi “Umuntu kumele amukele ukudalelwa; izingane zakhe zibe nomcebo wazo; ukudalelwa komuntu kuhlelwe eZulwini.” Abantu abaningi abangaliqondi iqiniso, ngemva kokudlula kuzo zonke lezi zinguquko, ukukhathazeka, nobunzima kuleli zwe, indlela ababheka ngayo ukuphila komuntu bayokufingqa ngamazwi amabili: “Lokho ukudalelwa!” Nakuba lokhu kufingqa isiphetho sabantu bezwe nombono wabo ngokudalelwa komuntu, nakuba kuveza abantu njengabantula usizo futhi kungathiwa kuneqiniso, kukude kakhulu nokuqonda ubukhosi boMdali, futhi akukho okungangena olwazini lwegunya loMdali.

3) Ukukholelwa Ekudalelweni Akungeni Esikhundleni Solwazi Ngobukhosi BoMdali

Ngemva kokuba umlandeli kaNkulunkulu iminyaka eminingi kangaka, ingabe ukhona umehluko wangempela owubonile phakathi kolwazi ngokudalelwa kwakho nokwabantu bezwe? Ingabe ukuqonda ngempela ukunqunyelwa kusengaphambili uMdali, futhi ubazi ngempela ubukhosi boMdali? Abanye abantu bayiqonda ngokucacile inkulumo ethi “lokho ukudalelwa,” kodwa abakholelwa nakancane ebukhosini bukaNkulunkulu, abakholelwa ukuthi ukudalelwa komuntu kuhlelwe futhi kwaqondiswa uNkulunkulu, futhi abazimisele ukuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu. Abantu abanjalo bafana nabantanta olwandle, abashaywa amagagasi, okungekho lutho abangalwenza ngaphandle kokulinda ngesineke nokwamukela ukudalelwa kwabo. Kodwa abaqapheli ukuthi ukudalelwa komuntu kuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu; ngezisusa zabo ngeke babazi ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi ngalokho bathole ulwazi ngegunya likaNkulunkulu, bazithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, bayeke ukumelana nokudalelwa, futhi baphile ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu, kwesivikelo nesiqondiso Sakhe. Ngamanye amazwi ukwamukela ukudalelwa akufani nokuzithoba ebukhosini boMdali; ukukholelwa ekudalelweni akusho ukuthi umuntu uyakwamukela, uyakuqaphela, nokuthi uyabazi ubukhosi boMdali; ukukholelwa ekudalelweni kumane kuwukuqaphela leli qiniso nalesi senzakalo, okuyinto engafani nokwazi indlela uMdali aphatha ngayo ukudalelwa kwesintu, kusukela ekuboneni ukuthi uMdali ungumthombo obusa ukudalelwa kwazo zonke izinto, ngisho nokuzithoba ekuqondiseni koMdali nasemalungiselelweni Akhe ngokudalelwa komuntu. Uma umuntu ekholelwa kuphela ekudalelweni—ngisho enomuzwa ojulile ngakho—kodwa engabazi, engabuqapheli, engazithobi kubo futhi engabemukeli ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu, khona-ke ukuphila kwakhe kuyoba inhlekelele, uyophilela ize; uyobe engakakwazi ukuzithoba ekubuseni koMdali, ukuba umuntu odaliwe ngomqondo weqiniso, ajabulele ukwamukelwa nguKristu. Umuntu obazi ngempela futhi ezwe ubukhosi boMdali kufanele abe umqemane, angabi sesimweni esidabukisayo noma sokunganaki. Ngesikhathi esifanayo akwamukele ukuthi konke kudalelwe, kufanele abe nencazelo enembile ngokuphila nokudalelwa: ukuthi konke ukuphila kuzithoba ebukhosini boMdali. Lapho umuntu ebheka uhambo aseluhambile, lapho eqoqa zonke izigaba zohambo lwakhe, ubona ukuthi kuzo zonke izinyathelo, kungakhathaleki ukuthi indlela umuntu ahamba kuyo yinhle noma inameva, uNkulunkulu ubeqondisa indlela yakhe, eyihlela. Kwakungamalungiselelo kaNkulunkulu, ukuhlela Kwakhe ngokucophelela, okwaholela umuntu la akhona namuhla. Ukuze akwazi ukwamukela ubukhosi boMdali, ukuze emukele insindiso Yakhe—yeka ukuthi lokho kuyinhlanhla enkulu kangakanani! Uma umbono womuntu ngokudalelwa ungakunaki, lokho kufakazela ukuthi umelene nayo yonke into uNkulunkulu amhlelele yona, ukuthi akazithobi. Uma umbono womuntu ngobukhosi bukaNkulunkulu ekudalelweni kwabantu uphile kahle, khona-ke lapho umuntu ebheka uhambo aseluhambile, lapho esehambisana nobukhosi bukaNkulunkulu, uba nesifiso sangempela sokuzithoba kuyo yonke into uNkulunkulu ayihlelile, uyozimisela ngempela ukuvumela uNkulunkulu aqondise ukudalelwa kwakhe, ayeke ukuhlubuka kuNkulunkulu. Ngoba uyobona ukuthi lapho umuntu engaqondi ukudalelwa, ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi lapho engabambisani nakho ngokuphelele, kuyoba nenkungu uhambo lube nzima futhi lwephule inhliziyo. Ngakho lapho abantu beqaphela ubukhosi bukaNkulunkulu ngokudalelwa komuntu, abahlakaniphile bakhetha ukubazi nokubemukela, bashiya izinsuku ezibuhlungu ababezama ngazo ukwenza ukuphila kube ngcono ngezandla zabo zombili, kunokuqhubeka bemelana nokudalelwa, benza lokho okungabizwa ngemigomo yokuphila ngendlela yabo. Lapho umuntu engenaye uNkulunkulu, lapho engakwazi ukumbona, lapho engabuboni ngokucacile ubukhosi bukaNkulunkulu, zonke izinsuku azisho lutho, azizuzisi futhi zibanga usizi. Kungakhathaleki ukuthi umuntu unjani, usebenzaphi, uphila kanjani, noma imigomo yakhe imenza aphukelwe inhliziyo futhi ahlupheke, lowo muntu ngeke akwazi ukubheka emuva. Kulapho kuphela emukela khona ubukhosi boMdali, lapho emukela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, futhi efuna ukuphila kwangempela komuntu, lapho eyokhululeka khona kancane kancane ekuhluphekeni nasezinkathazweni zokuphila.

4) Yilabo Abazithoba Ebukhosini BoMdali Kuphela Abangathola Inkululeko Yangempela

Ngoba abantu abakuqapheli ukuqondisa kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu, bahlale bebhekana ngendlela engafanele nokudalelwa, ngombono wokuhlubuka, futhi bahlale befuna ukususa igunya likaNkulunkulu nobukhosi Bakhe nezinto ukudalelwa okubabekele zona, benethemba lokuguqula izimo zabo nokudalelwa kwabo. Kodwa ngeke baphumelele; konke la bajikela khona kuvaliwe. Lo mshikashika, owenzeka ekujuleni komphefumulo womuntu, ubuhlungu; ubuhlungu obungeke bukhohlakale; naso sonke isikhathi umuntu adlala ngokuphila kwakhe ngaso. Yini ebangela lobu buhlungu? Ingabe kungenxa yobukhosi bukaNkulunkulu, noma kungenxa yokuthi umuntu wazalwa enamashwa? Ngokusobala akukho okuyiqiniso. Ekugcineni, kungenxa yezindlela abantu abazithathayo, izindlela abantu abakhetha ukuphila ngazo izimpilo zabo. Kungenzeka abanye abakaze baziqaphele lezi zinto. Kodwa lapho wazi ngempela, lapho uqaphela ngempela ukuthi uNkulunkulu unobukhosi ngaphezu kokudalelwa kwabantu, lapho uqaphela ngempela ukuthi yonke into uNkulunkulu akuhlelele nakunqumele yona izokuzuzisa, futhi iyisivikelo esikhulu, khona-ke uba nomuzwa wokuthi kancane kancane ubuhlungu bakho buba ngcono, uyakhululeka. Ukubuka ngeso labantu abaningi, nakuba bengafuni ukuphila njengasekuqaleni, nakuba befuna ukukhululeka ebuhlungwini babo, ngeke bakubona ukuba yigugu nenjongo yobukhosi boMdali ngokudalelwa kwabantu; ngeke babubone ngempela futhi bazithobe ebukhosini boMdali, ingasaphathwa-ke eyokufuna nokwamukela ukuqondisa koMdali namalungiselelo Akhe. Ngakho uma abantu bengeke baliqaphele ngempela iqiniso lokuthi uMdali unobukhosi ekudalelweni komuntu nakuzo zonke izinto zomuntu, uma bengakwazi ukuzithoba ngeqiniso ekubuseni koMdali, khona-ke kuyoba nzima ukuthi baqondiswe, umbono wokuthi “ukudalelwa komuntu kusezandleni zakhe,” kuyoba nzima ngabo ukuba basuse ubuhlungu bokuzabalaza ngokumelene nokudalelwa negunya loMdali, futhi ngokungangabazeki kuyoba nzima ngabo ukuthi bakhululeke ngokuphelele, ukuthi babe abantu abakhonza uNkulunkulu. Kunendlela elula kakhulu yokuzikhulula kulesi simo: ukuvalelisa indlela yangaphambili yokuphila, nemigomo yokuphila okudala, ukufingqa nokuhlaziya ukuphila okudala, indlela yokubuka impilo, nezifiso, nemibono, bese ukuqhathanisa nentando kaNkulunkulu nakufunayo ngomuntu, ubone ukuthi kukhona yini okuvumelana nentando kanye nezimfuneko zikaNkulunkulu, ukuthi kukhona yini okunemithetho efanele empilweni, okuholela umuntu ekuqondeni okunzulu ngeqiniso, okumvumela ukuba aphile nobuntu nokufana nomuntu. Lapho uphenyisisa futhi uhlaziya ngokucophelela imigomo ehlukahlukene ekuphileni abantu abayifunayo nezindlela ezehlukahlukene abaphila ngazo, uyothola ukuthi akekho kubo ovumelana nenjongo yasekuqaleni yoMdali lapho edala isintu. Bonke baqhelisa abantu ebukhosini nasekunakekelweni uMdali; bonke bayimigoga eyenza abantu bonakale, futhi ebaholela esihogweni. Ngemva kokubona lokhu, umsebenzi wakho ukubeka eceleni umbono wakho omdala ngokuphila, ubalekele izingibe eziningi, uvumele uNkulunkulu aqondise ukuphila kwakho akwenzele amalungiselelo, uzame kuphela ukuzithoba esiqondisweni sikaNkulunkulu, ukungakhethi ube umuntu okhonza uNkulunkulu. Lokhu kuzwakala kulula, kodwa kunzima ukukwenza. Abanye abantu bangabubekezelela ubuhlungu bakho, abanye ngeke bakwazi. Abanye bazimisele ukubambisana nakho, abanye abazimisele. Labo abangazimisele abanaso isifiso nesinqumo sokwenza kanjalo; babubona ngokucacile ubukhosi bukaNkulunkulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi nguNkulunkulu owenza izinhlelo namalungiselelo okudalelwa komuntu, kodwa noma kunjalo basazabalaza, abakafuni ukubeka amathemba abo entendeni yesandla sikaNkulunkulu nokuzithoba ebukhosini bukaNkulunkulu, futhi abakuthandi ukuqondisa namalungiselelo kaNkulunkulu. Ngakho kuyohlale kunabantu abafuna ukuzibona ukuthi bakwazi ukwenzani; futhi ukuguqula ukudalelwa kwabo ngazo zombili izandla zabo, nokuthola injabulo ngamandla abo, ukubona ukuthi bangakwazi yini ukugqashula izibopho zegunya likaNkulunkulu baphakame ngaphezu kobukhosi bukaNkulunkulu. Ukudabuka komuntu akukhona ukuthi ufuna ukujabula empilweni, akukhona ukuthi umuntu ufuna udumo nengcebo noma ukuthi ulwa nokudalelwa kwakhe, kodwa ukuthi ngemva kokubona ukuthi uMdali ukhona, ngemva kokubona ukuthi uMdali unobukhosi ngaphezu kokudalelwa komuntu, akakazilungisi izindlela zakhe, akakwazi ukukhipha izinyawo zakhe odakeni, kodwa uqinisa inhliziyo yakhe futhi aphikelele eziphambekweni zakhe. Uzolokhu ebhukuda odakeni, ephikisana ngenkani nobukhosi boMdali, emelana nabo kuze kufike isiphetho esibuhlungu, ngaphandle kwesenzo esincane sobuqotho, futhi kulapho elala ephukile futhi opha lapho enquma khona ukubuyela emuva. Lolu usizi lwangempela lomuntu. Ngakho ngithi labo abazithobayo bahlakaniphile, futhi labo abakhetha ukuphunyuka banamakhanda aqinile.

Isehlakalo Sesithupha: Ukufa

Ngemva komshikashika nenjabulo, ukukhungatheka nokuphoxeka, ngemva kwentokozo nosizi, ukwehla wenyuka, ngemva kweminyaka eminingi ongeke wayikhohlwa, ngemva kokubona izinkathi zonyaka zishintshana, umuntu udlula kuyingqopha-mlando ebalulekile ekuphileni enganakile, futhi ngokuzumayo umuntu uzithola esezokufa. Lezo zinkathi zigxivizwe kuwo wonke umzimba womuntu: Umuntu akabe esakwazi ukuma aqonde, izinwele ebezimnyama ziba mpunga ekhanda, amehlo abemhlophe ayafiphala agcwale inkungu, nesikhumba ebesibushelelezi siyashwabana sibe namabala. Engabe esezwa kahle, aphume amazinyo, engabe esakwazi ukwenza izinto ngokushesha…. Kuleli qophelo, umuntu usuke esevalelisa eminyakeni ebe mihle yobusha bakhe, esengena kumvuthwandaba wokuphila kwakhe: ukuguga. Okulandelayo, kuzoba ukufa, isehlakalo sokugcina sokuphila komuntu.

1) UMdali Kuphela Onamandla Ekuphileni Nasekufeni Komuntu

Uma ukuzalwa komuntu kwakunqunyelwe ukuphila komuntu okwedlule, khona-ke ukufa kwakhe kuqeda lokho kunqunyelwa. Uma ukuzalwa komuntu kuyisiqalo somsebenzi womuntu ekuphileni, khona-ke ukushona komuntu kuwukuphela komsebenzi wakhe. Njengoba uMdali ezinquma ngaphambi kwesikhathi izimo zokuzalwa komuntu, kunjalo nangokufa kwakhe. Ngamanye amazwi, akekho ozalwa ngephutha, akukho ukufa okungalindelekile, futhi kokubili ukuphila nokufa kuhlobene nokuphila komuntu kwangaphambili nokwamanje. Izimo zokuzalwa nokufa komuntu zinqunywa uMdali ngaphambi kwesikhathi; leli ikusasa lomuntu, ukudalelwa komuntu. Njengoba kukuningi okungase kushiwo ngokuzalwa komuntu, ukuzalwa kwawo wonke umuntu kuyokwenzeka ngaphansi kwezimo ezehlukahlukene, ngakho buyehluka ubude bokuphila kwabantu, nezindlela nezikhathi abashona ngazo. Abanye abantu baqinile kodwa futhi basheshe bashone; abanye babuthaka kodwa bashona sebegugile, ngokuthula. Abanye bashona ngenxa yezinto ezingezona ezemvelo, abanye ngenxa yezinto zemvelo. Abanye bashonela kude nasemakhaya, abanye amehlo abo bawavala okokugcina benabathandekayo eduze kwabo. Abanye bashonela emkhathini, abanye bashonela phansi emhlabeni. Abanye bacwila emanzini, abanye babulawa yizinhlekelele. Abanye bashona ekuseni, abanye ebusuku. … Wonke umuntu ufuna ukuzalwa kamnandi, aphile kamnandi, futhi ashone kamnandi, kodwa akekho ongelula isikhathi sakhe sokuphila, akekho ongaphamba ubukhosi boMdali. Lokhu ukudalelwa komuntu. Umuntu angahlelela ikusasa lakhe zonke izinto, kodwa akekho ongahlela indlela nesikhathi sokuzalwa kwakhe nokuhamba kwakhe emhlabeni. Nakuba abantu benza okusemandleni abo ukuze bagweme futhi bamelane nokufika kokufa, kodwa ukufa kufika ngesinyelela kungaziwa. Akekho owazi ukuthi uyofa nini futhi kanjani, ingasaphathwa eyokuthi uyoshonela kuphi. Ngokusobala, akusona isintu esiphethe amandla okuphila nokufa, akukho ezweni kodwa kukuMdali, onegunya eliyingqayizivele. Ukuphila nokufa kwesintu akuwona umkhiqizo womthetho othile wezwe, kodwa kuwumphumela wobukhosi begunya loMdali.

2) Ongabazi Ubukhosi BoMdali Uyohlushwa Ukwesaba Ukufa

Lapho umuntu eguga, izinselele abhekana nazo akukhona ukondla umndeni wakhe noma ukuphila kamnandi ekugugeni kwakhe, kodwa indlela yokuvalelisa ukuphila kwakhe, indlela yokufika esiphethweni sokuphila kwakhe, indlela ukuba khona kwakhe okuzophela ngayo. Nakuba kubonakala sengathi abantu abanandaba nokufa, akekho ongagwema ukucabanga ngalesi sihloko, ngoba akekho owazi noma kunomunye umhlaba ngemva kokufa, izwe abantu abangazi lutho ngalo. Lokhu kwenza abantu besabe ukubhekana nokufa, besabe ukucabanga ngakho, kunalokho benza okusemandleni abo ukuze bagweme ukukhuluma ngalesi sihloko. Ngakho kubonakala sengathi wonke umuntu uyakwesaba ukufa, lokho okwenezela ekwenzeni bangakwazi ukubhekana neqiniso lokuphila elingenakugwemeka, elenza ithunzi elingesuki enhliziyweni yawo wonke umuntu.

Lapho umuntu ezwa umzimba wakhe uwohloka, lapho ezwa ukuthi usezoshona, uyethuka, abe nokwesaba okungachazeki. Ukwesaba ukufa kwenza umuntu abe nomzwangedwa azizwe entula usizo, futhi uyazibuza: Umuntu wavelaphi? Umuntu uyaphi? Ingabe yilena indlela umuntu azoshona ngayo, ukuphila kwakhe kushabalale phambi kwakhe? Ingabe lena inkathi ephawula ukuphela kokuphila komuntu? Ekugcineni kwakho konke, yini efunekayo ekuphileni? Kufanele kwenziweni ekuphileni? Ingabe kufanele sithole udumo nomcebo? Ingabe ukuphila kumayelana nokukhulisa izingane? … Kungakhathaleki ukuthi umuntu uke wacabanga ngemibuzo enjalo noma cha, kungakhathaleki ukuthi ukwesaba kangakanani ukufa, ekujuleni kwenhliziyo yawo wonke umuntu kuhlale kunesifiso sokuhlaziya izimfihlakalo, isifiso sokuqonda ukuphila, okuhlanganisiwe kulokhu, isimo sezwe, nokungafuni ukuhamba. Mhlawumbe akekho ongabona ngokucacile ukuthi umuntu wesabani ngempela, yini umuntu afuna ngempela ukuyazi, yini lento emkhathazayo nangafuni ukuyishiya ngemuva …

Ngenxa yokuthi besaba ukufa, abantu bakhathazeka ngokwedlulele; ngenxa yokuthi besaba ukufa, kuningi abangeke bakwazi ukukudedela. Lapho sebezoshona, abanye bakhathazeka ngalokhu noma ngalokhuya; bakhathazeka ngezingane zabo, ngabathandekayo babo, ngomcebo wabo, njengokungathi ngokukhathazeka bangasusa ubuhlungu nokwesaba ukufa okuza nakho kubo, njengokungathi ngokusondelana nabaphilayo banganqoba ukuzizwa bengelutho nomzwangedwa ohambisana nokufa. Ekujuleni kwenhliziyo yakhe, umuntu unokwesaba, wesaba ukuthi uzohlukana nabathandekayo bakhe, ukuthi ngeke aphinde abone isibhakabhaka esiluhlaza, ukuthi ngeke aphinde abuke izwe elibonakalayo. Umphefumulo onomzwangedwa, ojwayelene nobungani babathandekayo babo, ongafuni ukuhamba wodwa, uye ezweni ongalazi.

3) Ukuphila Okuchithwe Kufunwa Udumo Nengcebo Kuyoshiya Umuntu Engenalutho Lokubhekana Nokufa

Ngenxa yobukhosi boMdali nokunqunyelwa kusengaphambili, umphefumulo onomzwangedwa oqale ungelutho waba negama nabazali nomndeni, amathuba okuba yilungu lesintu, amathuba okuzwa ukuphila komuntu nokubona izwe; futhi uthola amathuba okubona ubukhosi boMdali, ukwazi ngendalo emangalisayo edalwe uMdali, futhi okubaluleke kakhulu ithuba lokuthobela igunya loMdali. Kodwa abantu abaningi abalibambi ngezandla zombili leli thuba eliyivelakancane. Bachitha wonke amandla okuphila kwabo belwa nokudalelwa, nesikhathi sabo bezama ukondla umndeni futhi beshikashikela udumo nesithunzi. Izinto abantu abazazisayo umndeni, imali nodumo; babheka lokhu njengezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Bonke bakhononda ngokudalelwa kwabo, kodwa abafuni ukucabanga ngemibuzo okubaluleke kakhulu futhi bayiqonde: kungani umuntu ephila, kufanele aphile kanjani umuntu, yini ebalulekile neyinjongo yokuphila. Konke ukuphila kwabo, kuyo yonke leyo minyaka eminingi, bajaha udumo nomcebo kuze kuphele ubusha babo, baze babe mpunga ekhanda; baze babone ukuthi imali ayisizi kangako ekugugeni kwabo, ukuthi imali ngeke ivale izikhala ezinhliziyweni zabo; baze babona ukuthi akekho okhululekile emthethweni wokuzalwa, wokuguga, wokugula, nowokufa, ukuthi akekho ongaphunyuka ekudalelweni kwakhe. Kuphela yilapho bephoqelelekile khona ukubhekana nezehlakalo zokuphila lapho bebona ukuthi ngisho noma umuntu angaba nezigidi zempahla, ngisho noma engaphakama kubantu, akekho ongasinda ekufeni, wonke umuntu uyobuyela esimweni sakhe ayevele eyiso: umphefumulo ongenalutho egameni lawo. Lapho umuntu enabazali, ukholelwa ukuthi abazali bakhe bayikho konke; lapho enempahla ucabanga ukuthi imali iyikho konke, ukuthi iyona nto umuntu aphila ngayo; lapho umuntu enegama, usondelana kakhulu nalo futhi angenza noma yini ngenxa yalo. Kuphela yilapho abantu sekumele bashiye izwe lapho bebona khona ukuthi izinto abachithe ukuphila kwabo kuzo azilutho zimane ziyintuthu yamafu nje, azikho abangabambelela kuzo, azikho abangahamba nazo, azikho ezingabasindisa ekufeni, azikho ezingaduduza imiphefumulo yabo kumzwangedwa; futhi okubi nakakhulu azikho ezingabasindisa, zibenze baphunyuke ekufeni. Udumo nokuthola ingcebo ezweni elibonakalayo kuyokwenza umuntu aneliseke okwesikhashana, kumnike injabulo edlulayo, umqondo ongamanga, kwenze umuntu aphambuke endleleni. Ngakho abantu, njengoba bezulazula olwandlekazini lwesintu, befuna ukuthula, induduzo, ukuthula kwenhliziyo, futhi bashaywa amagagasi ngokuphindelela. Lapho abantu kusadingeka bathole ngale mibuzo ukuthi kubalulekile ukuqonda—ukuthi bavelaphi, kungani bephila, bayaphi, njalo njalo—baluthwa udumo nengcebo, bayakhohliswa, balawulwe yikho, balahleke kakhulu. Isikhathi siyashesha; iminyaka idlula ngokuphazima kweso; uma engaboni usuke esevalelisile eminyakeni engcono yokuphila kwakhe. Lapho umuntu esezohamba emhlabeni, uyaqaphela ukuthi yonke into esemhlabeni iyahlehla, ukuthi ngeke esakwazi ukubambelela ezintweni abenazo; ngezinga lokuthi uzwa sengathi akasenalutho nhlobo, njengosana olusanda kuzalwa emhlabeni. Kuleli qophelo, uzizwa ephoqelelekile ukuzindla ngalokho akwenzile ekuphileni, ukuthi ukuphila kumayelana nani ngempela, kusho ukuthini, kungani umuntu ekhona emhlabeni; kuleli qophelo umuntu uyofuna ukwazi ukuthi ikhona ngempela yini impilo ngemva kokufa, ukuthi iZulu likhona ngempela yini, nokuthi sikhona ngempela yini isijeziso…. Njengoba esondela ekufeni, yilapho umuntu efuna khona nakakhulu ukuqonda ukuthi ukuphila kumayelana nani; yilapho ezizwa khona engazi lutho nakakhulu; futhi lapho ezizwa khona edinga usizo nakakhulu; ngakho ukwesaba ukufa kuyadlondlobala usuku nosuku. Zimbili izinto ezenza abantu baziphathe ngale ndlela lapho sebesondela egodini: Okokuqala, basuke sebezolahlekelwa udumo nomcebo abebelokhu bencike kuwo ukuphila kwabo konke, basuke sebezoshiya izinto ezibonakalayo zezwe; futhi okwesibili, basuke sebezobhekana bodwa nezwe abangalijwayele, eliyimfihlakalo, elingaziwa, indawo engaziwa abesaba nokubeka unyawo lwabo kuyo, lapho bengenabo abathandekayo khona kanye nendlela yokubasekela. Ngenxa yalezi zizathu ezimbili, wonke umuntu obhekana nokufa akakhululeki, uyesaba, azizwe engelutho ngendlela angakaze azizwe ngayo ngaphambili. Kulapho abantu befinyelela kuleli zinga kuphela lapho bebona khona ukuthi into yokuqala umuntu okufanele ayiqonde, lapho ebeka unyawo lwakhe kulo mhlaba, ukuthi abantu bavelaphi, kungani abantu bephila, ubani onquma ukudalelwa komuntu, ubani onakekelayo futhi onobukhosi ngaphezu kokuba khona komuntu. Lolu lwazi luyindlela yeqiniso umuntu aphila ngayo, isisekelo esibaluleke sokuphila komuntu, hhayi ukufunda indlela yokondla umndeni wakho noma indlela yokuthola udumo nengcebo, hhayi ukufunda indlela yokuvelela esixukwini noma yokuphila unenala yezinto, ingasaphathwa indlela yokuncintisana nabanye. Nakuba izindlela ezehlukahlukene zokuphila abantu abachitha konke ukuphila kwabo beziphishekela zingenza ukuphila komuntu kuthokomale ngokwenyama, azisoze zanikeza inhliziyo ukuthula nenduduzo, kunalokho ziyohlale zenza abantu bachezuke endleleni, bangakwazi ukuzilawula, balahlekelwe yiwo wonke amathuba okufunda ngenjongo yokuphila; la makhono okuphila adala umsinga wokukhathazeka mayelana nendlela yokubhekana nokufa ngokufanele. Ukuphila kwabantu konakala ngale ndlela. UMdali uphatha wonke umuntu ngobulungisa, unika wonke umuntu ithuba lokubona nelokwazi ubukhosi Bakhe, kodwa umuntu ucabanga ngokufa kuphela lapho esebona ukuthi uselengela egodini, lapho umuntu ebona khona inhlansi yokukhanya—kodwa kusuke sekwephuze kakhulu.

Abantu bachitha ukuphila kwabo bejaha imali nodumo; babambelela kulezi zinto, becabanga ukuthi ziwukuphela kwendlela yokuziphilisa, njengokungathi uma benazo bazoqhubeka bephila, ziyobasindisa ekufeni. Kodwa kulapho sebezoshona khona kuphela lapho babona khona ukuthi lezi zinto ziqhelelene kangakanani nabo, babuthaka kangakanani ekufeni, batatazela kalula kangakanani, banomzwangedwa futhi badinga usizo kangakanani, bengenandawo abangaphendukela kuyo. Baqaphela ukuthi ukuphila ngeke kuthengwe ngemali noma ngodumo, ukuthi akunandaba ukuthi umuntu ucebe kangakanani, akunandaba ukuthi waziwa kangakanani noma ukuthi unasiphi isikhundla, bonke abantu bayahlupheka futhi abalutho ekufeni. Bayabona ukuthi imali ngeke ikuthenge ukuphila, ukuthi udumo ngeke lucime ukufa, ukuthi akukho lutho phakathi kwemali nodumo okungelula isikhathi sokuphila, ngisho ngomzuzwana nje. Njengoba abantu bezizwa ngale ndlela, yilapho befuna khona nakakhulu ukungafi; yilapho futhi bekwesaba khona nakakhulu ukufa. Yilapho bebona khona ngobuqotho ukuthi akukhona okwabo, akukhona futhi okwabo ukuthi bakulawule, nokuthi umuntu akunalutho angalusho ngokuphila noma ngokufa, konke lokho kungaphezu kwamandla omuntu.

4) Woza Ngaphansi Kombuso WoMdali Ubhekane Ngokuzotha Nokufa

Kusukela ngesikhathi umuntu ezalwa, isidalwa esisodwa siqala ukuzwa ukuphila emhlabeni, sizwa igunya loMdali esilihlelelwe uMdali. Ngomuntu, umphefumulo, leli kusuke kuyithuba elihle kakhulu lokuthola ulwazi ngobukhosi boMdali, lokwazi igunya Lakhe, lokuzizwela lona mathupha. Abantu ukuphila kwabo bakuphila ngaphansi kwemithetho yokudalelwa abayibekelwe uMdali, futhi umuntu ocabangayo nononembeza, uvumelana nobukhosi boMdali azi igunya Lakhe enkambweni yamashumi amaningi eminyaka emhlabeni akuyona into okunzima ukuyenza. Ngakho kulula kakhulu kuwo wonke umuntu ukuba alibone, ngezinto adlula kuzo ekuphileni kula mashumi amaningi eminyaka, ukuthi konke ukudalelwa komuntu kunqunyelwe kusengaphambili, futhi akwazi ukubona ukuthi kusho ukuthini ukuphila. Ngesikhathi esifanayo njengoba umuntu ebona lezi zifundo zokuphila, uyoqonda kancane kancane ukuthi ukuphila kuvelaphi, nokuthi inhliziyo idingani ngempela, ukuthi yini eyoholela umuntu endleleni yeqiniso lokuphila, yimuphi umsebenzi nomgomo womuntu ekuphileni; futhi kancane kancane uyobona ukuthi uma umuntu engamkhonzi uMdali, ukuthi uma umuntu engabi ngaphansi kokubusa Kwakhe, khona-ke lapho esebhekana nokufa—lapho umphefumulo usuzophinde ubhekane noMdali—inhliziyo yomuntu iyogcwala itwetwe elinenakulinganiswa lokwesaba nokungakhululeki. Uma umuntu ephile emhlabeni amashumi eminyaka bese azi ukuthi ukuphila komuntu kuvelaphi, kodwa engaqapheli ukuthi ukudalelwa kusesandleni sikabani, khona-ke akubuzwa ukuthi lowo ngeke abhekane ngokuthula nokufa. Umuntu onolwazi ngobukhosi boMdali ngemva kwamashumi amaningi okuphila, umuntu okwazisa ngezinga elifanele ukuphila; umuntu onolwazi olujulile ngenjongo yokuphila; umuntu onolwazi olujulile ngenjongo yokuphila komuntu, obuqonda ngempela ubukhosi boMdali; futhi ozithobayo egunyeni loMdali. Umuntu onjalo uyayiqonda injongo yendalo kaNkulunkulu ngesintu, uyazi ukuthi umuntu kufanele akhonze uMdali, ukuthi konke umuntu anakho kuvela kuMdali futhi kuyobuyela Kuye ngelinye ilanga elingekude; umuntu onjalo uyaqonda ukuthi uMdali uhlela ukuzalwa komuntu futhi unobukhosi obungaphezu kokushona komuntu, futhi kokubili ukufa nokuphila kungaphansi kwegunya loMdali. Ngakho lapho umuntu eziqonda ngempela lezi zinto, uyokwazi ukubhekana ngokuthula nokufa, abekele eceleni zonke izinto zezwe, amukele futhi azithobe ngenjabulo kwakulandelayo, amukele isehlakalo sokugcina sokuphila esihlelwe uMdali kunokuthi asesabe noma azame ukumelana naso. Uma umuntu ebheka ukuphila njengethuba lokwazi ubukhosi boMdali futhi azi igunya Lakhe, uma ebona ukuphila komuntu njengethuba elingavamile lokwenza umsebenzi njengomuntu odaliwe futhi afeze umsebenzi wakhe, khona-ke lowo uyoba nombono ofanele ngokuphila, uyophila ukuphila okubusisiwe futhi okuqondiswa uMdali, uyohamba ekukhanyeni kweqiniso loMdali, azi ubukhosi boMdali, abe ngaphansi kokubusa Kwakhe, abe ufakazi wezenzo Zakhe ezimangalisayo negunya Lakhe. Ngaphandle kokungabaza, umuntu onjalo, uyokwamukelwa uMdali, futhi umuntu onjalo kuphela ongabhekana ngokuthula nokufa, futhi ongasemukela ngenjabulo isehlakalo sokugcina ekuphileni. UJobe ngokusobala wayenombono ofanayo ngokufa; wayezimisele ukusamukela ngenjabulo isehlakalo sokugcina ekuphileni, waletha uhambo lwakhe lokuphila ekupheleni okuhle, wafeza umsebenzi wakhe ekuphileni, waba sohlangothini lukaNkulunkulu.

5) Izinto Ezazifunwa Nezatholwa UJobe Ekuphileni Zamenza Wabhekana Nokufa Ngendlela Ezothile

EmBhalweni, kulotshwe lokhu ngoJobe: “Ngakho wafa uJobe, esemdala futhi esenelisiwe izinsuku” (UJobe 42:17). Lokhu kusho ukuthi ngesikhathi uJobe eshona, wayengazisoli ngalutho futhi bungekho ubuhlungu abuzwayo, kodwa wahamba ngendlela evamile kulo mhlaba. Njengoba wonke umuntu azi, uJobe wayeyindoda eyesaba uNkulunkulu egwema okubi ngesikhathi esaphila; uNkulunkulu wazincoma izenzo zakhe zokulunga, abantu bayazikhumbula, futhi ukuphila kwakhe, ngaphezu kokwabanye, kwakufanele udumo futhi kubalulekile. UJobe wajabulela izibusiso zikaNkulunkulu futhi wambiza ngokuthi ulungile emhlabeni, futhi wavivinywa uNkulunkulu walingwa nawuSathane; waba ufakazi kaNkulunkulu futhi wayefaneleka ukubizwa ngokuthi umuntu olungile. Phakathi namashumi amaningi eminyaka ngemva kokuba evivinywe uNkulunkulu, waphila ukuphila okuyigugu kakhulu, okunenjongo futhi okunesisekelo, okunokuthula kunanini ngaphambili. Ngenxa yezenzo zakhe zokulunga, uNkulunkulu wamvivinya; uNkulunkulu wavela kuye wakhuluma naye ngokuqondile. Ngakho, phakathi neminyaka alingwa ngayo, uJobe wakuqonda futhi wakwazisa ukuphila, wabuqonda ngokujulile ubukhosi boMdali, futhi wathola ulwazi olunembile kakhulu noluthile lwendlela uMdali apha futhi athathe ngayo izibusiso Zakhe. Incwadi kaJobe iloba ukuthi uJehova uNkulunkulu wabeka izibusiso ezinkulu kuJobe ukwedlula ayeke wamnika zona, okwabeka uJobe esekhundleni esingcono sokwazi ubukhosi boMdali nokubhekana ngokuthula nokufa. Ngakho uJobe, lapho eguga futhi ebhekana nokufa, nakanjani wayengakhathazekile ngempahla yakhe. Wayengakhathazekile, wayengazisoli ngalutho, futhi nakanjani wayengakwesabi ukufa; ngoba wachitha konke ukuphila kwakhe esaba uNkulunkulu, egwema indlela yobubi, futhi engenasizathu sokukhathazeka ngesiphelo sakhe. Bangaki abantu namuhla abangenza ngendlela uJobe enza ngayo lapho ebhekene nokufa? Kungani ongekho okwazi ukugcina umbono olula njengalowo? Sisodwa kuphela isizathu: UJobe waphila ukuphila kwakhe efuna ukukholelwa, ukuqaphela nokuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi yilokho okwenza waphumelela esehlakalweni esibalulekile sokuphila, waphila iminyaka yakhe, wabhekana nesahlakalo sokugcina ekuphileni kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi uJobe wabhekana nani, izinto ayezifuna nemigomo yakhe ekuphileni kwakujabulisa, kungeyona into ebuhlungu. Wayengajabuliswa nje ukunconywa nezibusiso ayekunikwe uMdali, kodwa okubaluleke nakakhulu, izinto ayezibeka kuqala nemigomo ayenayo ekuphileni, ngenxa yolwazi lwakhe nokubuqonda ngeqiniso ubukhosi boMdali wakwazi ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, futhi ngenxa yezenzo zikaNkulunkulu ezimangalisayo, uJobe wakwazi ngesikhathi sakhe ukuzithoba ebukhosini boMdali, waba nezikhathi nezinkumbulo angasoze azikhohlwa zokuphila, ukwazana, nokuqondana komuntu noNkulunkulu; ngenxa yenduduzo nenjabulo ebangelwa ukwazi intando yoMdali; ngenxa yenhlonipho ejulile aba nayo ngemva kokubona ubukhulu bakhe, ukumangalisa, uthando kanye nokholo. Into eyenza uJobe wabhekana nokufa ukuthi wayazi ukuthi ekufeni, wayezobuyela ohlangothini loMdali. Futhi izinto azithola ekuphileni ezamenza wabhekana ngokuthula nokufa, waba nethemba lokuthi uMdali wayezombuyisela ekuphileni kwakhe, wayezovuka, angakhathazeki ngalutho, enakekelwa nguMdali. Ingabe abantu namuhla, bangakwazi ukuba nohlobo lwenjabulo uJobe ayenalo? Ingabe nina ngokwenu ningakwazi ukwenza kanjalo? Njengoba abantu kulezi nsuku benjena, kungani bengakwazi ukujabula ekuphileni, njengoJobe? Kungani bengakwazi ukuphunyuka ekuhluphekeni nasekwesabeni ukufa? Lapho bebhekene nokufa, abanye bayajuluka; abanye bayaqhaqhazela, baquleke futhi bathuthumele ngeZulu nangomuntu, futhi baze bakhale. Lezi izindlela ezingalindelekile abantu abasabela ngazo lapho ukufa kusondela. Abantu baziphatha ngalezi zindlela ezihlazisayo ngenxa nje yokuthi, ekujuleni kwezinhliziyo zabo, besaba ukufa, abanalo ulwazi olucacile ngobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ingasaphathwa eyokuzithoba kukho; ngoba abantu abafuni lutho ngaphandle kokuhlela nokuzilawulela bona zonke izinto, ukulawula ukudalelwa kwabo, ukuphila kwabo nokufa. Ngakho akumangazi ukuthi abantu abasoze bakwazi ukuphunyuka ekwesabeni ukufa.

6) Kungokwemukela Ubukhosi BoMdali Kuphela Lapho Umuntu Engabuyela Khona Ohlangothini Lwakhe

Lapho umuntu engenalo ulwazi olucacile ngobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ulwazi ngokudalelwa nangokufa ngeke kube nawo umqondo. Abantu abakwazi ukubona ngokucacile ukuthi konke lokhu kusentendeni yesandla sikaNkulunkulu, ababoni ukuthi uNkulunkulu olawulayo futhi onegunya elikhulu phezu kwakho, abakwazi ukubona ukuthi umuntu ngeke alisuse igunya likaNkulunkulu; ngakho lapho bebhekene nokufa amazwi, ukukhathazeka kanye nokuzisola kwabo akupheli. Bacindezelwa umthwalo omkhulu, nokudideka nazo zonke izimbangela zokwesaba ukufa. Kunoma ubani umuntu ozelwe kulomhlaba, ukuzalwa kwakhe kudingekile futhi ukufa kwakhe akunakugwemeka, futhi akekho ongaguqula lokhu. Uma umuntu efisa ukuhamba ngaphandle kwezinhlungu kuleli zwe, uma umuntu ezimisele ukubhekana nezehlakalo zokugcina ekuphileni ngaphandle kovalo nokukhathazeka, okuwukuphela kwendlela ukungabi nalutho ozisola ngakho. Futhi okuwukuphela kwendlela ongagwema ngayo ukuzisola ukwazi ubukhosi boMdali, ukwazi igunya Lakhe, nokuzithoba kulo. Kungale ndlela kuphela umuntu angaqhelelana ngayo nezinkathazo zokuphila, nokukhohlakala kukaSathane; kungale ndlela kuphela esingaphila ngayo njengoJobe, siqondiswa futhi sibusiswa uMdali, ukuphila ngokukhululeka futhi okungenankathazo, ukuphila okuyigugu futhi okunenjongo, okuphila okuthembekile futhi okungenabala; lena ukuphela kwendlela esingazithoba ngayo njengoJobe, sivivinywe futhi sithathelwe injabulo uMdali, sizithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni oMdali; kungale ndlela kuphela umuntu angakhonza ngayo uMdali ngakho konke ukuphila wakhe futhi anconywe Nguye, njengoba kwenza uJobe, ezwe izwi Lakhe, ambone evela; kungale ndlela kuphela esingaphila futhi sife sijabulile, njengoJobe, singezwa ubuhlungu, singakhathazekile, singazisoli; singaphila ngale ndlela kuphela ekukhanyeni, njengoJobe siphumelele kuzo zonke izehlakalo zokuphila ekukhanyeni, uhambo lwethu siluqede kahle ekukhanyeni, siwufeze ngempumelelo umsebenzi wethu—sazi, sifunde futhi siqonde ubukhosi boMdali njengabantu abadaliwe—futhi sihambe ngokukhanya, futhi sihlale sime ohlangothini loMdali njengabantu abadaliwe sinconywe Nguye.

Ungaphuthelwa Ithuba Lokwazi Ubukhosi BoMdali

Izehlakalo eziyisithupha ezichazwe ngenhla ziyizigaba ezibalulekile ezibekwe uMdali wonke umuntu okumele azazi ekuphileni kwakhe. Isehlakalo ngasinye kulezi singokoqobo; asikho nesisodwa esingagwemeka, futhi zonke zihlobene nokunqunyelwa kusengaphambili uMdali kanye nobukhosi Bakhe. Ngakho umuntu, uzobhekana nesehlakalo ngasinye kulezi, futhi umuntu ngamunye kini kumele azi ukuthi nibhekana kanjani ngempumelelo nesehlakalo ngasinye.

Amashumi eminyaka umuntu awaphilayo, awamade futhi awamafushane. Iminyaka eyevile kwengama-20 ephakathi kokuzalwa nokuguga komuntu idlula ngokuphazima kweso, nakuba kuleli qophelo ekuphileni umuntu ebhekwa njengomdala, abantu abakule minyaka abazi lutho ngokuphila nangokudalelwa komuntu. Njengoba bedlula ezintweni eziningi, bangena kancane kancane eminyakeni ephakathi nendawo. Abantu abaneminyaka engama-30 nengama-40 basuke sebeqala ukuba nolwazi ngokuphila nangokudalelwa, kodwa imibono yabo ngalezi zinto isuke isagcwele inkungu kakhulu. Abanye abantu baqala ukusiqonda eminyakeni engama-40 isintu nendawo yonke, okwadalwa uNkulunkulu, baqonde ukuthi ukuphila komuntu kumayelana nani, ukuthi ukudalelwa komuntu kumayelana nani. Abanye abantu, nakuba sekuyisikhathi eside bengabalandeli bakaNkulunkulu futhi manje sebeseminyakeni ephakathi nendawo, abakabi nalo ulwazi olunembile nencazelo ngobukhosi bukaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuzithoba ngeqiniso. Abanye abantu abanandaba nalutho ngaphandle kokufuna izibusiso, futhi nakuba bephile iminyaka eminingi, ababazi futhi ababuqondi ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu, futhi abakasitholi nakancane isifundo esingokoqobo sokuzithoba ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu. Abantu abanjalo bayiziphukuphuku ngokuphindwe kabili; ukuphila kwabo bakuphilela ize.

Uma ukuphila komuntu kwehlukaniswe ngokwezinga lezinto asedlule kuzo ekuphileni nolwazi lwakhe ngokudalelwa komuntu, cishe kuyoba izigaba ezintathu. Isagaba sokuqala ubusha, iminyaka ephakathi kokuzalwa kuya eminyakeni ephakathi nendawo, noma kusukela ekuzalweni kuya eminyakeni engama-30. Isigaba sesibili ukuvuthwa, kusukela eminyakeni ephakathi nendawo kuya ekugugeni, noma kusukela eminyakeni engama-30 kuya kwengama-60. Isigaba sesithathu inkathi yokuvuthwa komuntu, sisukela ekugugeni, ekuqaleni kweminyaka engama-60, kuya ekuhambeni komuntu emhlabeni. Ngamanye amazwi, kusukela ekuzalweni kuya eminyakeni ephakathi nendawo, ulwazi lwabantu ngokudalelwa lulinganiselwe ezintweni ozizwa ngabanye; cishe alukho ngokoqobo. Phakathi nale nkathi, umbono womuntu ngokuphila nendlela ahamba ngayo emhlabeni konke kuwubuwula. Lena inkathi yobungane. Kungemva kokuba umuntu esezwe lonke uhlobo lwenjabulo nosizi lokuphila lapho ekwazi khona ukuqonda ukudalelwa, umuntu—ekujuleni kwenhliziyo yakhe—kancane kancane uqala ukubona ukungaguquki kokudalelwa, futhi abone kancane kancane ukuthi ubukhosi boMdali kubantu bukhona ngempela. Lena inkathi yokuvuthwa. Lapho umuntu eseyekile ukulwa nokudalelwa, futhi engasafuni ukulwa nakho, kodwa azi okuningi, ezithoba entandweni yeZulu, eqonda akufezile neziphambeko zokuphila kwakhe, futhi elindele isahlulelo soMdali ngokuphila kwakhe—lena inkathi yomuntu yokuvuthwa. Cabanga ngezinto ezehlukehlukene abantu abazitholile nabadlule kuzo phakathi nezinkathi ezintathu, ngaphansi kwezimo ezivamile zethuba lomuntu lokwazi ubukhosi boMdali azizinkulu kakhulu. Uma umuntu ephilela ukuba neminyaka engama-60, umuntu uneminyaka engama-30 noma elapho uyokwazi ubukhosi bukaNkulunkulu; uma umuntu efuna inkathi ende, lokho kungenzeka kuphela uma ukuphila komuntu kukude ngokwanele, uma ekwazi ukuphila amakhulu eminyaka. Ngakho ngithi, ngokuvumelana nemithetho evamile yokuba khona komuntu, nakuba lokho kuyinqubo ende kusukela ngesikhathi umuntu aqala ngaso ukwazi ngobukhosi boMdali kuya esikhathini abona iqiniso ngaso ngobukhosi boMdali, futhi kusukela lapho kuze kube yilapho ekwazi ukuzithoba khona kubo, uma umuntu engabala leyo minyaka, ayikho ngaphezu kwengama-30 noma engama-40 lapho umuntu ethola khona ithuba lokuthola imivuzo. Futhi ngokuvamile abantu baqhutshwa izifiso zabo zokuthola izibusiso; abaqondi ukuthi ingqikithi yokuphila komuntu ikuphi, abakwazi ukubaluleka kokwazi ubukhosi boMdali, futhi abalazisi ithuba eliyingqayizivele lokuphila emhlabeni lokuzwa ukuthi kunjani ukuphila njengomuntu nokwazi ubukhosi boMdali, nababona ukuthi kuyigugu kanjani ngomuntu odaliwe ukuqondiswa uMdali mathupha. Ngakho ngithi, labo abafuna umsebenzi kaNkulunkulu uphele ngokushesha, abafisa sengathi bangahlela isiphetho somuntu ngokushesha okukhulu, abafisa sengathi uNkulunkulu angahlelela umuntu isiphetho ngokushesha, ukuze bakwazi ukuthola isiqu sangempela Sakhe bese bebusiswa, banecala lokungalaleli ngokwedlulele nokuba iziphukuphuku ngokwedlulele. Futhi labo abafisayo, phakathi nesikhathi sabo esilinganiselwe, ukubamba ithuba eliyingqayizivele lokwazi ubukhosi boMdali, bangabantu abahlakaniphile, bakhaliphile. Lezi zifiso ezimbili zembula imibono emibili: Labo abafuna izibusiso ngobugovu; abacabangi ngentando kaNkulunkulu, abafuni ukwazi ubukhosi bukaNkulunkulu, abafuni ukuzithoba kubo, bafuna ukuphila ngendlela ebajabulisayo. Bayajabula; nakuba bezobhujiswa. Labo abafuna ukwazi uNkulunkulu bayakwazi ukubekela izifiso zabo eceleni, bazimisele ukuzithoba ebukhosini bukaNkulunkulu nasemalungiselweni kaNkulunkulu; bayazama ukuphatha ngomusa abantu abazithoba egunyeni likaNkulunkulu nabanelisa isifiso sikaNkulunkulu. Abantu abanjalo baphila ekukhanyeni, baphila phakathi kwezibusiso zikaNkulunkulu; nakanjani uNkulunkulu uyobancoma. Akukhathalekile ukuthi kuthiwani, izinqumo zabantu azinamsebenzi, akukho abantu abangakusho ekutheni umsebenzi kaNkulunkulu uyothatha isikhathi esingakanani. Kungcono ukuba abantu bazibeke emseni kaNkulunkulu, bazithobe ebukhosini Bakhe. Uma ungazibeki emseni Wakhe, yini ongayenza? Ingabe uNkulunkulu uyolahlekelwa? Uma ungazibeki emseni Wakhe, uma uzama ukuphatha, wenza isinqumo esiwubulima, futhi uwena oyolahlekelwa ekugcineni. Kulapho abantu bebambisana khona noNkulunkulu ngezinga abangakwazi ngalo, kulapho bekwamukela ukuqondisa Kwakhe, belazi igunya Lakhe, futhi baqonde abenzele khona, lapho beyoba khona nethemba, yilapho bengeke baphilele khona ize, beyothola khona insindiso.

Akekho Ongaguqula Iqiniso Lokuthi UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kokudalelwa Komuntu

Ngemva kokulalela konke engiqeda ukukusho, ingabe umbono wenu ngokudalelwa usuguqukile? Niliqonda kanjani iqiniso lobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa kwesintu? Ukukubeka ngamazwi alula, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu wonke umuntu ubemukela ngenjabulo ubukhosi Bakhe namalungiselelo Akhe, futhi akunandaba ukuthi umuntu uhlupheka kangakanani enkambweni yokuphila, kungakhathaleki ukuthi zingakanani izindlela zokukhohlakala ahamba kuzo, ekugcineni umuntu uyobuyela ekudalelweni uMdali amhlelele kona. Lobu ubukhulu obubabazekayo begunya loMdali, indlela igunya Lakhe elilawula neliqondisa ngayo indawo yonke. Yilobu bukhulu, lolu hlobo lokulawula nokuqondisa, olunesibopho futhi olunquma ukuphila kwazo zonke izinto, obenza abantu baguquguquke ngaphandle kokungenelela kothile, ukuze benze izwe liguquguquke futhi liye phambili usuku nosuku, unyaka nonyaka. Seniwazi wonke la maqiniso futhi niwaqonda ngokujulile; ukujula kokuqonda kwakho kuncike ezintweni odlule kuzo nasolwazini lwakho ngeqiniso, nolwazi onalo ngoNkulunkulu. Ulazi kahle kangakanani iqiniso, uwazi kahle kangakanani amazwi kaNkulunkulu, usazi kahle kangakanani isiqu nesimo sikaNkulunkulu—lokhu kumelela ukujula kokuqonda kwakho ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe. Ingabe ukuba khona kobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe kuyoncika ekutheni abantu bayawathobela yini? Ingabe iqiniso lokuthi uNkulunkulu unaleli gunya liya ngokuthi abantu bayalithobela? Igunya likaNkulunkulu likhona kungakhathaleki ukuthi izimo ziyini; kuzo zonke izimo, uNkulunkulu onquma futhi ahlele ukudalelwa kwawo wonke umuntu, futhi zonke izinto zenzeka ngokuvumelana nemicabango Yakhe, nezifiso Zakhe. Lokhu ngeke kuguquke ngenxa yokuthi abantu bayaguquka, futhi akuncikile ezintweni ezithandwa umuntu, ngeke kuguqulwe yinoma yiziphi izinto ezenzeka esikhathini, emkhathini, nasendaweni, ngoba igunya likaNkulunkulu linguye uqobo Lwakhe. Ukuthi umuntu uyabazi futhi uyabemukela ubukhosi bukaNkulunkulu, nokuthi uyakwazi ukubuthobela, akubuguquli nakancane ubukhosi bukaNkulunkulu phezu kokudalelwa komuntu. Lokho kusho ukuthi kungakhathalekile ukuthi umuntu unamuphi umbono ngobukhosi bukaNkulunkulu, ngeke liguquke iqiniso lokuthi uNkulunkulu unobukhosi obungaphezu kokudalelwa komuntu ngaphezu kwazo zonke izinto. Ngisho noma ungabuthobeli ubukhosi bukaNkulunkulu, usakulawula ukudalelwa kwakho; ngisho noma ungabazi ubukhosi Bakhe, igunya Lakhe lisekhona. Igunya likaNkulunkulu neqiniso lokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bungaphezu kokudalelwa komuntu akuncikile kulokho okuthandwa umuntu, akuguqulwa yizinto umuntu azithandayo nazikhethayo. Igunya likaNkulunkulu likuyo yonke indawo, ngawo wonke amahora, ngazo zonke izinkathi. Uma amazulu nomhlaba kuzodlula, igunya Lakhe ngeke lidlule, ngoba unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, unegunya eliyingqayizivele, igunya Lakhe alinamingcele noma alilinganiselwa abantu, izehlakalo, noma izinto, noma umkhathi noma indawo. Ngazo zonke izikhathi uNkulunkulu alawula ngazo igunya Lakhe, ubonisa amandla Akhe, uqhubeka nomsebenzi Wakhe wokuqondisa; ubusa zonke izinto ngazo zonke izikhathi, unakekela yonke into, uqondisa yonke into, njengoba ayehlale enza. Akekho ongaguqula lokhu. Kuyiqiniso; bekulokhu kuyilo selokhu kwathi nhló!

Umbono Nomkhuba Ofanele Kulabo Abafisa Ukuzithoba Ebukhosini BukaNkulunkulu

Manje umuntu kufanele abe namuphi umbono ngegunya likaNkulunkulu, iqiniso lobukhosi bukaNkulunkulu phezu kokudalelwa komuntu? Lena inkinga yangempela ephambi kwawo wonke umuntu. Lapho ubhekene nezinkinga zangempela ekuphileni, ungalazi futhi uliqonde kanjani igunya likaNkulunkulu nobukhosi Bakhe? Lapho ungazi ukuthi kufanele uziqonde kanjani, uzisingathe futhi ubhekane kanjani nalezi zinkinga, yimuphi umbono okufanele ube nawo ukuze uveze inhloso yakho, isifiso sakho, nokumisela kwakho ukuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe? Okokuqala kufanele ufunde ukulinda; bese ufunda ukufuna; bese ufunda ukuthobeka. “Ukulinda” kusho ukulinda isikhathi sikaNkulunkulu, ukulinda abantu, izehlakalo, nezinto akuhlelele zona, ukulinda intando Yakhe ukuba izembule kancane kancane kuwe. “Ukufuna” kusho ukubheka nokuqonda imicabango nezinhloso zikaNkulunkulu ngawe esebenzisa abantu, izehlakalo, izinto akuhlelele zona, ukuqonda ngazo iqiniso, ukuqonda lokho okumele kufezwe abantu nezindlela zokukugcina, nokuqonda imiphumela uNkulunkulu afuna ukuyifeza kubantu nezinto afuna ukuzifeza kubo. “Ukuthobeka,” kubhekisela ekwamukeleni abantu, izehlakalo, nezinto eziqondiswa uNkulunkulu, ukwamukela ubukhosi Bakhe nokwazi indlela uNkulunkulu amisa ngayo ukudalelwa komuntu, indlela anakekela ngayo umuntu ngokuphila Kwakhe, indlela afeza ngayo iqiniso kumuntu. Zonke izinto ezingaphansi kwamalungiselelo kaNkulunkulu nobukhosi Bakhe zilandela imithetho yemvelo, futhi uma unquma ukuvumela uNkulunkulu akuhlelele futhi akunqumele yonke into, kufanele ufunde ukulinda, ufunde ukufuna, ufunde nokuthobeka. Lona umbono wonke umuntu ofuna ukuthobela igunya likaNkulunkulu okumele abe nawo, into eyisisekelo wonke umuntu ofuna ukwamukela ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe okufanele abe nayo. Ukuze nibe nombono onjalo, kumele nisebenze kanzima; futhi yileyo ndlela kuphela eningangena ngayo eqinisweni langempela.

Ukwamukela UNkulunkulu NjengeNkosi Yakho Eyingqayizivele Kuyisinyathelo Sokuqala Sokuthola Insindiso

Amaqiniso mayelana negunya likaNkulunkulu ngamaqiniso wonke umuntu okumele awaphathe ngokubaluleka, kumele awezwe futhi awaqonde ngenhliziyo yakhe; ngoba la maqiniso awumthwalo wakho konke ukuphila komuntu, imuva lomuntu, inkathi yamanje nenkathi ezayo, ayisehlakalo esibalulekile wonke umuntu okumele aphumelele kuso empilweni, olwazini lomuntu ngobukhosi bukaNkulunkulu nangendlela okufanele abheke ngayo igunya likaNkulunkulu, kuyo yonke indawo umuntu aphokophele kuyo. Ngakho kuthatha ukuphila kwakho konke ukuwaqonda. Uma ubheka igunya likaNkulunkulu njengelibalulekile, lapho wamukela ubukhosi bukaNkulunkulu, uyoqonda kancane kancane ukuthi igunya likaNkulunkulu likhona ngempela. Kodwa uma ungakaze uqaphele igunya likaNkulunkulu, ungakaze wamukele ubukhosi Bakhe, kusho ukuthi kungakhathaleki ukuthi uphila iminyaka emingaki, ngeke uthole noluncane ulwazi ngobukhosi bukaNkulunkulu. Uma ungalazi ngempela futhi ungaliqondi igunya likaNkulunkulu, khona-ke lapho ufika ekupheleni kwendlela, ngisho noma wake wakholelwa amashumi eminyaka kuNkulunkulu, ngeke ube nalutho ozokubonisa ekuphileni kwakho, ulwazi lwakho ngobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu luyoba into engekho. Ingabe lokhu akuyona into edabukisa kakhulu? Ngakho kungakhathaleki ukuthi usuhambe ibanga elingakanani ekuphileni, kungakhathaleki ukuthi usumdala kangakanani, kungakhathaleki ukuthi lingakanani ibanga elikuhlalele, kumele uqale uqaphele igunya likaNkulunkulu futhi ulibheke njengelibalulekile, wamukele ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi yakho eyingqayizivele. Uthole ulwazi olucacile, olunembile nokuqonda ngala maqiniso amayelana nobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu kungaba isifundo esikhulu kuwo wonke umuntu, kuyisihluthulelo sokwazi ukuphila komuntu nokuthola iqiniso, kuyingxenye yokuphila nesisekelo solwazi ngoNkulunkulu wonke umuntu abhekene nalo usuku ngalunye, okungekho umuntu ongamelana nakho. Uma oyedwa kini efisa ukuthatha izindlela ezinqamulelayo ukuze afinyelele kulo mgomo, khona-ke ngithi kini, lokho akunakwenzeka! Uma ufuna ukuphunyuka ebukhosini bukaNkulunkulu, lokho ngeke kwenzeke nangephutha! UNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yomuntu, uNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yokudalelwa komuntu, ngakho akunakwenzeka ngomuntu ukuba anqume ukudalelwa kwakhe, futhi awukwazi. Kungakhathaleki ukuthi umuntu unamakhono amakhulu kangakanani, ngeke akwazi ukuthonya, ingasaphathwa eyokuqondisa, ukuhlela, nokulawula noma ukuguqula imiphumela yabanye. UNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe kuphela onganquma konke ngomuntu, ngoba nguye onegunya eliyingqayizivele elinobukhosi phezu kokudalelwa komuntu; futhi uMdali kuphela oyiNkosi yomuntu eyingqayizivele. Igunya likaNkulunkulu linobukhosi hhayi nje phezu kwabantu abadaliwe kuphela, kodwa naphezu kwezinto ezingadaliwe umuntu angeke akwazi ukuzibona, ezisezinkanyezini, nasendaweni yonke. Leli iqiniso elingenakuphikwa, iqiniso elikhona ngempela, okungekho muntu ongaliguqula. Uma omunye wenu engakagculiseki ngendlela izinto ezimi ngayo, ukholelwa ukuthi unamakhono akhethekile, futhi usacabanga ukuthi ungaba nenhlanhla uguqule izimo zakho zamanje noma uphunyuke kuzo; uma uzama ukuguqula ukudalelwa kwakho, ngalokho uvelela kwabanye uthole udumo nengcebo; ngakho ngithi kuwe, wenza izinto zibe nzima kuwe, uzibizela inkinga, uzimbela ithuna! Kungekudala ngelinye ilanga, uyothola ukuthi wenze isinqumo esibi, ukuthi imizamo yakho ibe yize. Isifiso sakho sokulwa nokudalelwa, nokuziphatha kwakho okubi, kuyokuholela endleleni ongeke ukwazi ukubuyela emuva ngayo, futhi uyokhokha kabuhlungu. Nakuba okwamanje ungaboni ukuthi mkhulu kangakanani umphumela, njengoba uqhubeka ubona iqiniso elijulile lokuthi uNkulunkulu uyiNkosi yokudalelwa komuntu, uyokubona kancane kancane lokho engikusho kuwe namuhla nencazelo yangempela yakho. Kungakhathaleki ukuthi unenhliziyo noma umoya, noma uwumuntu othanda iqiniso, lokho kuncike embonweni onawo ngobukhosi bukaNkulunkulu nangeqiniso. Futhi lokhu kunquma ukuthi ungakwazi yini ukuliqonda ngempela igunya likaNkulunkulu. Uma ungakaze ekuphileni kwakho uzwe ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ingasaphathwa eyokubona nokwamukela igunya likaNkulunkulu, khona-ke uyoba into engenamsebenzi, ngaphandle kokungabaza uyoba into uNkulunkulu afuna ukuyiqothula, uyosindiswa indlela oyikhethile nesinqumo osenzile. Kodwa labo emsebenzini kaNkulunkulu, abangemukela uvivinyo Lwakhe, abangemukela ubukhosi Bakhe, abangathobela igunya Lakhe, futhi kancane kancane baqonde amazwi Akhe, bayozitholela ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu, ukuqonda kwangempela ngobukhosi Bakhe, futhi ngempela bayoba ngabantu boMdali. Abantu abanjalo kuphela abayosindiswa. Ngoba baye babazi ubukhosi bukaNkulunkulu, ngenxa yokuthi babamukele, ukwazisa kwabo nokuvuma iqiniso lokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bungaphezu kokudalelwa komuntu kuyiqiniso futhi kunembile. Lapho bebhekene nokufa bayokwazi, njengoJobe, ukuba nomqondo ongethuswa ukufa, bazithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngaphandle kokukhetha nesifiso somuntu. Ngumuntu onjalo kuphela oyokwazi ukubuyela ohlangothini loMdali njengomuntu wangempela odaliwe.

Disemba 17, 2013

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp