I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Imibuzo Eyikhulu Nezimpendulo Ukuhlola Indlela Yeqiniso

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

56. Kungani abantu ngaso sonke isikhathi besebenzisa iBhayibheli ukuchaza uNkulunkulu? Kungani kuyiphutha uma umuntu evalela uNkulunkulu ngaphakathi kweBhayibheli?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Lokhu kungenxa yokuthi iBhayibheli lalandela izinkulungwane eziningi zeminyaka yomlando wabantu futhi abantu bonke baliphathisa okukaNkulunkulu ngezinga lokuthi abantu ezinsukwini zokugcina bafaka iBhayibheli esikhundleni sikaNkulunkulu. Kuyamunenga lokhu uNkulunkulu. Kanjalo nangesikhathi Sakhe, kufanele acacise udaba olungaphakathi nomsuka weBhayibheli. Ngale kwalokho, iBhayibheli belisazokwazi ukuthatha isikhundla sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu futhi bangenqaba baphinde bakale izenzo zikaNkulunkulu besekela lokho emazwini aseBhayibhelini. Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. … Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa. Nakuba uNkulunkulu echaza kuphela iBhayibheli lapha, ungakhohlwa ukuthi ziningi ezinye izinto eziyizimpazamo abantu abazikhonzayo ngaphandle kweBhayibheli, okuwukuphela kwezinto abangazikhonzi, yilezo ezivela kuNkulunkulu. UNkulunkulu umane asebenzise iBhayibheli njengesibonelo sokukhumbuza bonke ukuthi bangathathi inkambo engafanele futhi bengaphinde beqise bese bedideka lapho bekholelwa kuNkulunkulu futhi bamukela amazwi Akhe.

ivela embhalweni othi Isethulo Sengxenye Yesibili sethi Izwi Livela Lisenyameni

Eminyakeni eminingi, izindlela zomdabu zabantu zokukholwa (lezo zobuKristu, okungenye yezinkolo ezintathu ezinkulu emhlabeni) bekuwukufunda iBhayibheli; ukusuka eBhayibhelini akulona ukholo eNkosini, ukusuka eBhayibhelini kuyinkolelo-ze embi, kanye nokuhlubuka, futhi ngisho lapho abantu befunda ezinye izincwadi, isisekelo salezo zincwadi kufanele kube ukuchazwa kweBhayibheli. Okungukuthi, uma uthi ukholwa eNkosini, kufanele ufunde iBhayibheli, kufanele udle uphinde uphuze iBhayibheli, futhi ngaphandle kweBhayibheli akufanele ukhonze noma iyiphi enye incwadi engaphathelene neBhayibheli. Uma ukwenza lokho, ukhaphela uNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi lapho kwaba khona iBhayibheli, inkolelo yabantu eNkosini ibingukukholelwa eBhayibhelini. Esikhundleni sokuthi abantu bakholelwa eNkosini, kungcono ukuthi bakholelwa eBhayibhelini; kunokuba kuthiwe sebeqalile ukufunda iBhayibheli, kungcono ukuthi sebeqalile ukukholelwa eBhayibhelini; futhi kunokuthi kuthiwe sebebuyele phambi kukaNkulunkulu, kungcono ukuthi sebubuyele phambi kweBhayibheli. Ngale ndlela, abantu bakhonza iBhayibheli sengathi linguNkulunkulu, sengathi liyigazi lempilo yabo nokulahlekelwa yilo kungafana nokulahlekelwa impilo yabo. Abantu babona iBhayibheli liphakeme njengoNkulunkulu, futhi kukhona ngisho nalabo abalibona liphakeme kunoNkulunkulu. Uma abantu bengenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, uma bengamuzwa uNkulunkulu, bayaqhubeka baphile—kodwa ngokushesha uma belahlekelwa iBhayibheli, noma balahlekelwe izahluko nezisho ezaziwayo eBhayibhelini, kumane kube sengathi balahlekelwe impilo yabo. Ngakho, ngokushesha uma abantu bekholwa kuNkulunkulu bayaqala bafunde iBhayibheli, nokwazi iBhayibheli ngekhanda, futhi lapho bazi ngekhanda ingxenye enkulu yeBhayibheli, yilapho kubonakala kakhulu ukuthi bayayithanda iNkosi futhi banokholo olukhulu. Labo abalifundile iBhayibheli futhi abakwazi ukukhuluma kwabanye ngalo bangabafowethu nodadewethu abalungile. Kuyo yonke le minyaka, ukukholwa nokuthembeka kwabantu eNkosini kukalwe ngezinga lokuqonda kwabo iBhayibheli. Abantu abaningi bamane abaqondi ukuthi kungani kufanele bakholwe kuNkulunkulu, nokuthi kufanele bakholwe kanjani kuNkulunkulu, futhi abenzi lutho ngaphandle kokucinga ngokumpumpuzela befuna imikhondo yezincazelo obala izimfihlakalo zezahluko zeBhayibheli. Abakaze bafune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele; kuze kube manje, abenzanga lutho ngaphandle kokufundisisa nokuphenya iBhayibheli, futhi akekho owake wathola umsebenzi osemusha woMoya oNgcwele, ngaphandle kwaseBhayibhelini, akekho owake wasuka eBhayibhelini, futhi abakaze balokothe basuke eBhayibhelini. Abantu balifundile iBhayibheli kuyo yonke le minyaka, baqhamuke nezincazelo eziningi kakhulu, bazikhandla kakhulu; banokuhluka ngemibono okuningi, futhi abaphikisana ngayo bengaphezi, ngendlela yokuthi sekunezinhlelo zamabandla ezingaphezu kwezi-2000 ezakhiwe namuhla. Zonke zifuna ukuthola izincazelo ezithile ezikhethekile, noma izimfihlakalo ezijule kakhulu eBhayibhelini, zifuna ukulihlola, nokuthola isendlalelo ngomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli, noma isendlalelo ngomsebenzi kaJesu eJudiya, noma ezinye izimfihlakalo ezingaziwa muntu. Indlela abantu abalithatha ngayo iBhayibheli yile enokuthatheka nokukholwa, futhi akekho ocacelwe ngokuphelele indaba yangaphakathi noma ingqikithi yeBhayibheli. Ngakho, umphumela walokho namuhla ukuthi, abantu basenokuzwa ongachazeki wesimangaliso uma sekuza eBhayibhelini; okudlula lokho, benganyelwe yilo bathathekile, futhi bakholelwa kulo. Namhlanje, bonke abantu bafuna ukuthola iziphrofetho zomsebenzi wezinsuku zokugcina eBhayibhelini, bafuna ukuthola ukuthi imuphi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ngezinsuku zokugcina, nokuthi iziphi izimpawu ezikhona zezinsuku zokugcina. Ngale ndlela, ukukhonza kwabo iBhayibheli kuya kuba namandla, futhi njengoba ziya zisondela izinsuku zokugcina, baya bezikholwa kakhulu iziphrofetho zeBhayibheli, ikakhulukazi lezo ezimayelana nezinsuku zokugcina. Ngokholo olumpumpuzela kakhulu eBhayibhelini, nangokwethembela okukhulu eBhayibhelini, abanasifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele. Ngokokubona kwabantu bacabanga ukuthi iBhayibheli kuphela elingaletha umsebenzi woMoya oNgcwele; iseBhayibhelini kuphela lapho bengathola khona izinyathelo zikaNkulunkulu; iseBhayibhelini kuphela lapho kucashe khona izimfihlakalo zomsebenzi kaNkulunkulu; iBhayibheli kuphela—hhayi ezinye izincwadi noma abantu—okungacacisa yonke into kaNkulunkulu kanye nomsebenzi wakhe sewuwonke; iBhayibheli lingaletha umsebenzi wezulu emhlabeni; futhi iBhayibheli lingaqala futhi liphethe izinkathi. Ngale mibono, abantu abanaso isifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele. Ngakho, akukhathaleki, ukuthi iBhayibheli labe liwusizo kangakanani kubantu kudala, seliphenduke isiphazamiso emsebenzini kaNkulunkulu wakamuva.

kwesithi “Mayelana NeBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

IBhayibheli incwadi yomlando, futhi uma bewudle waphinda waphuza iTestamente Elidala ngesikhathi seNkathi Yomusa—uma bewenze okwakufuneka ngesikhathi seTestamente Elidala ngeNkathi Yomusa—uJesu ngabe wakudikila futhi wakulahla; uma ubusebenzise iTestamente Elidala emsebenzini kaJesu, ubuyoba umFarisi. Uma namuhla, ufaka iTestamente Elidala Nelisha ndawonye bese udla futhi uphuze, uNkulunkulu wanamuhla uzokulahla; uzobe usele emsebenzini wanamuhla woMoya oNgcwele! Uma udla iTestamente Elidala futhi udle iTestamente Elisha, ungaphandle komfula woMoya oNgcwele! Ngesikhathi sikaJesu, uJesu wahola amaJuda kanye nabo bonke labo ababemlandela ngokuhambisana nomsebenzi woMoya oNgcwele Kuye ngaleso sikhathi. Akazange athathe iBhayibheli njengesisekelo salokho abe ekwenza, kodwa wakhuluma ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe; wakushaya indiva okwakushiwo yiBhayibheli, futhi akazange afune eBhayibhelini ukuze athole indlela ayezohola ngayo abalandeli Bakhe. Kusukela ngesikhathi eqala ukusebenza, wasakaza indlela yokuphenduka—izwi elalingakaze liphathwe eziprofethweni zeTestamente Elidala. Akazange enze ngokuhambisana neBhayibheli, kodwa wavula indlela entsha futhi wenza umsebenzi omusha. Wayengakaze abhekise eBhayibhelini uma eshumayela. NgeNkathi Yomthetho, akekho owake wakwazi ukwenza izimangaliso Zakhe zokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni. Umsebenzi Wakhe, izimfundiso Zakhe, igunya Lakhe—akekho owayeke wakwenza lokhu ngeNkathi Yomthetho. UJesu wenza umsebenzi Wakhe omusha nje, futhi nakuba abantu abaningi bamsola besebenzisa iBhayibheli—futhi baze basebenzisa iTestamente Elidala ukuze bambethele—umsebenzi Wakhe walidlula iTestamente Elidala; ukuba lokhu bekungenjalo kungani abantu bambethela esiphambanweni? Akuve kungenxa yokuthi iTestamente Elidala lalingasho lutho ngemfundiso Yakhe, nekhono Lakhe lokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni? Umsebenzi Wakhe kwakungowokuvula indlela entsha, kwabe kungewona owokuqala uchuku ngamabomu nokumelana neBhayibheli noma ukuphetha ngamabomu iTestamente Elidala. Weza kuphela ukuzokwenza inkonzo Yakhe, ukuletha umsebenzi omusha kulabo ababemlangazelela futhi bemfuna. Akazange afikele ukuzochaza iTestamente Elidala noma ukuphakamisa umsebenzi walo. Umsebenzi Wakhe kwabe kungekhona ukuvumela iNkathi Yomthetho ukuthi iqhubeke ithuthuke, ngoba umsebenzi Wakhe awuzange uzihluphe ngokubonelela ukuthi wawungenalo iBhayibheli njengesisekelo sawo; uJesu wamane wafika nje ukuze enze umsebenzi ayefanele ukuwenza. Ngakho akazange achaze iziprofetho zeTestamente Elidala, noma asebenze ngokuhambisana namazwi eNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Wakushaya indiva okwabe kushiwo iTestamente Elidala, akazange anake noma lalivumelana yini nomsebenzi Wakhe noma cha, futhi akazange anake nokuthi abanye baba ini ngomsebenzi Wakhe, noma ukuthi babewusola kangakanani. Wamane waqhubeka nokwenza umsebenzi okwakufanele awenze, nakuba abantu abaningi babesebenzisa ukubikezela kwabaprofethi beTestamente Elidala ukumlahla. Kubantu, kwakubukeka sengathi umsebenzi Wakhe awunasisekelo, futhi kwakukuningi ngawo okwakungavumelani nemibhalo yeTestamente Elidala. Ingabe akubona ubuwula lobu? Ingabe imfundiso iyadinga ukusetshenziswa emsebenzini kaNkulunkulu? Futhi kumele yini ukuba kuhambisane nokubikezela kwabaprofethi? Kanti phela, ubani omkhulu: uNkulunkulu noma iBhayibheli? Kungani umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uhambisane neBhayibheli? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokudlula iBhayibheli? Angeke yini uNkulunkulu akwazi ukushiya eBhayibhelini futhi enze omunye umsebenzi? Kungani uJesu nabafundi Bakhe babengaligcini iSabatha? Uma wayengaligcina iSabatha futhi enze ngokuhambisana nemiyalelo yeTestamente Elidala, kungani uJesu wayengaligcini iSabatha emva kokufika, kodwa kunalokho, wageza izinyawo, wamboza ikhanda, wahlephula isinkwa, futhi waphuza iwayini? Akuve konke lokhu kungekho emiyalelweni yeTestamente Elidala? Uma uJesu wayelihlonipha kakhulu iTestamente Elidala, kungani wazishaya indiva lezi zimfundiso? Kufanele wazi ukuthi yikuphi okweza kuqala, uNkulunkulu noma iBhayibheli! Njengoba eyiNkosi yeSabatha, ubengeke futhi abe yiNkosi yeBhayibheli?

kwesithi “Mayelana NeBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:Laba khona kanjani iBhayibheli? Liyinhloboni yencwadi iBhayibheli?

Okulandelayo:Kuyini ngempela ukuhlobana phakathi komsebenzi kaNkulunkulu kanye neBhayibheli? Ingabe umsebenzi kaNkulunkulu wafika kuqala noma iBhayibheli lafika kuqala?

Ungase Uthande Nalezi