I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Imibuzo Eyikhulu Nezimpendulo Ukuhlola Indlela Yeqiniso

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

82. Kungani kuthiwa zonke iziprofetho zeNkosi uJesu zigcwalisekile futhi zafezeka ngomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina uphothula zonke izinto; lezo ezenziwa eNkathini Yomthetho zingezokuqala; kanti lezo ezenziwa eNkathini Yomusa zingezokuhlenga. Ngokuqondene nemibono yomsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, akekho ongathola ukwazi nokuqonda. Imibono enjalo iqhubekile nokuba yimfihlakalo. … Izinsuku zokugcina ziyisikhathi lapho wonke umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wambulwe khona kinina. Lokhu ukwambulwa kwemfihlakalo. Akekho umuntu ongembula imfihlakalo enjalo. Noma kungathiwa umuntu uliqonda kangakanani iBhayibheli, kugcina kungamazwi nje kuphela, akukho ngaphezu kwalokho ngoba umuntu akayiqondi ingqikithi yeBhayibheli. Lapho umuntu efunda iBhayibheli, angase athole amaqiniso athile, achaze amazwi athile noma acubungule kakhulu emavesini adumile noma izingcaphuno, kodwa ngeke awukhiphe umqondo okulawo mazwi, ngoba konke umuntu akubonayo ngamazwi nje afile, hhayi izigcawu zomsebenzi kaJehova noJesu futhi umuntu akakwazi ukuxazulula imfihlakalo yomsebenzi onjalo. Ngakho-ke, imfihlakalo yohlelo lokusebenza lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yimfihlo enkulu kunazo zonke, efihlakele kakhulu futhi engacabangeki kumuntu. Akekho ongayiqonda ngokuqondile intando kaNkulunkulu ngaphandle uma Yena uqobo eyichaza futhi ephumela obala kumuntu, ngaphandle kwalokho, ziyohlale ziyimfumbe kumuntu zibe yimfihlo evalelwe unomphelo. Ungabanaki labo asenkolweni; uma beningatshelwanga namuhla beningeke nikwazi ukuqonda. Lo msebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha unemfihlakalo engaphezulu kwazo zonke iziphrofetho zabaphrofethi. Kuyimfihlakalo enkulu kakhulu kusukela ekudalweni, futhi akukho mphrofethi omdala osake wakwazi ukukuqonda, ngoba le mfihlakalo yembuleka kuphela esigabeni sokugcina futhi ayikaze yembulwe. …

… Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi.… Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi ebengiwuphethe izinkulungwane zeminyaka wembulwe ngokuphelele kumuntu ezinsukwini zokugcina nje kuphela. Kumanje kuphela lapho ngembule yonke imfihlakalo yokuphatha Kwami. Umuntu uyayazi inhloso yomsebenzi Wami futhi, ngaphezu kwalokho, usethole ukuqonda ngazo zonke izimfihlakalo Zami. Futhi umuntu ngimtshelile yonke into ngesiphetho akhathazeke ngaso. Sengimvezelile umuntu izimfihlo ebezisithakele ngaphezu kwezi - 5,900 zeminyaka. Ngubani uJehova? Ngubani uMesiya? Ngubani uJesu? Kumele nibazi bonke laba. Umsebenzi Wami uzungeza kula magama. Nikuqondile lokho?

kwesithi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:Sonke sizithola siphila emjikelezweni wokona nokuvuma isono singenayo indlela yokuphuma; ingabe amazwi kaNkulunkulu uSomandla angaguqula futhi ahlanze isintu?

Okulandelayo:Kungani insindiso ingenzeka kuphela ngokukholwa kuNkulunkulu uSomandla nangokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina?

Ungase Uthande Nalezi